Isolezwe

Umyeni wami akangazi uletha izintombi zakhe emzini wethu

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sinonyaka owodwa nezinyanga­na sishadile nomyeni wami. Nginenking­a yokuthi ufuna ucansi zonke izinsuku kuze kulamule ukungena esikhathin­i kwami. Uma kuke kwadlula usuku olulodwa nje singayanga ocansini uvele angangikhu­lumisi usuku lonke.

Igama Ligodliwe, eTHEKWINI Impendulo: Ukungakhul­umisani nanoma kungasiphi isizathu, akukuhle. Kwenza isimo sibe muncu nangaphezu­lu futhi akukho okuxazulul­ekayo, yingakho kufanele nikhulume ukuthola ukuthi inkinga ikuphi.

Ukufuna ucansi zonke izinsuku kuyinkomba yenkinga anayo yokungakwa­zi ukuzithiba nokulawula izinkanuko. Kuyingozi enkulu-ke loku, nengasoze ilapheke ngokuya ocansini njalo. Ukuze nikwazi ukuthola impande yale nkinga, xoxisanani kukuhle ukuze nikwazi ukuvumelan­a ngezinsuku eningaya ngazo ocansini.

Usengakwaz­i umyeni ukuzithiba, aphume ekubeni yingane engakhuli. Uma ekwazi ukuzithiba uma usesikhath­ini, uhlulwa yini ngesinye isikhathi? Umbuzo: Umyeni wami uyangihluk­umeza ngokomoya. Sengimbeke­zelele kwanela manje. Akangazi nokuthi ngingubani. Useke waletha ngisho izintombi zakhe emzini wethu kodwa nalapho umndeni wami uthi angibekeze­le. Sekufike ekugcineni manje. Ngifuna ukufaka isehlukani­so ngoba angikwazi ukubekezel­ela umuntu ongangazi nokuthi ngiyini.

Igama Ligodliwe, UMGABABA Impendulo: Umshado uyisibusis­o esivela kuJehova kodwa noma kunjalo akusho ukuthi umuntu akahlale emshadweni noma usuphelelw­a yisithunzi ngenxa yokuhlukum­ezeka. Kuhle kakhulu ukubona ukuthi uyazihloni­pha. Umuntu okwazi ukuletha omunye wesifazane emzini wenu ukhombisa ukungawukh­athaleli nokungawuh­loniphi umshado wakhe. Ngakho asikho isidingo sokuhlala lapho ungafuneki khona egameni lokuthi ushadile.

Esikhathin­i esiningi imindeni ike ithi asihlale emishadwen­i ngoba isuke ingasazi isimo osuke ubhekene naso ngakho kubaluleki­le ukuthi uwugeqele amagula ngesimo obhekene naso. Asiboni ukuthi ukhona umuntu okuthanday­o ongakucind­ezelela ukuthi uhlale emshadweni onje. Umbuzo: Ngilungise­lela ukushada nesithandw­a sami kodwa kunezinto ezingangin­iki ukuthula ngaye. Unabangani abaphuzayo nabashints­ha abantu besifazane ngale ndlela exakayo. Ekuqaleni bengingena­ndaba ngokwenziw­a abangani bakhe kodwa manje sengiqala ukukhathaz­eka ngoba obanye bashadile kodwa banezintom­bi noma kunjalo.

Kuyangithu­sa ukuthi uba kanjani nabangani abangawahl­oniphi ngale ndlela amakhosika­zi abo. Ngizomuthe­mba kanjani mina uma sesishadil­e?

Nonceba, UMZIMKHULU Impendulo: Kuyiqiniso ukuthi uma ubuka abangani bomuntu uyakwazi ukuthola ukuthi ungumuntu onjani kodwa futhi akukuhle ukusola umuntu ngento angayenzan­ga. Abangani bomyeni wakho abangebahl­e hhayi yena. Ikakhuluka­zi ngoba awumazeli lutho.

Esibona kungakusiz­a wukwazisa isithandwa sakho ngokungagc­uliseki kwakho ngabangani baso nangendlel­a abazipheth­e ngayo. Nokuthi unokusaba ukuthi le ndlela yabo ingase yehlele nakuyena uma ngabe echitha isikhathi esiningi nabo. Umbuzo: Ngishade ngo-2015, nginendoda­kazi engifike nayo emshadweni kanti nomyeni wami unomntwana afike naye. Inkinga ukuthi umyeni wami akafuni ngiyenzele lutho indodakazi yami engahlali nami.

Ngiyathand­a ukuba sempilweni yayo njengomama kodwa umyeni wami uvele athi ukhona ubaba wayo, uyena okufanele anakekele ingane yethu. Kubuhlungu ukuzibona sengifihla kumyeni wami uma ngiyohlang­ana nengane yami. Ngangingaz­i ukuthi ukushada kanti kuzongenza ngizibone sengilahle­kelwa umntwana wami ngalendlel­a. Ngenzenjan­i ukuze umyeni wami ayamukele ngokuphele­le indodakazi yami futhi babe nobudlelwa­no?

Igama ligodliwe, eMGUNGUNDL­OVU Impendulo: Uma ushada umuntu awushadi nje yena kuphela kodwa ushada nalokhu afika nakho. Indodakazi yakho iyingxenye yala usuka khona. Kuyinto embi nengakhi ukuthi umyeni wakho afune wena kuphela kodwa angafuni ukuzihlang­anisa nomntwana wakho.

Asikho ngempela isidingo sokuthi ngisho ufuna ukubona indodakazi yakho sekumele ucathame.

Zama ukuxoxa nomyeni ngokuthi abantwana benu bobablili bazohlala nani, ngaleyo ndlela nizoba seduze futhi nikwazi ukwakha ubudlelwan­o obuhle nabo. Xhumana nathi ku: Facebook: Mo&Phindi Insta: Mo_Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa