Umyeni wami akangazi uletha izintombi zakhe emzini wethu
EZOTHANDO
UMBUZO: Sinonyaka owodwa nezinyangana sishadile nomyeni wami. Nginenkinga yokuthi ufuna ucansi zonke izinsuku kuze kulamule ukungena esikhathini kwami. Uma kuke kwadlula usuku olulodwa nje singayanga ocansini uvele angangikhulumisi usuku lonke.
Igama Ligodliwe, eTHEKWINI Impendulo: Ukungakhulumisani nanoma kungasiphi isizathu, akukuhle. Kwenza isimo sibe muncu nangaphezulu futhi akukho okuxazululekayo, yingakho kufanele nikhulume ukuthola ukuthi inkinga ikuphi.
Ukufuna ucansi zonke izinsuku kuyinkomba yenkinga anayo yokungakwazi ukuzithiba nokulawula izinkanuko. Kuyingozi enkulu-ke loku, nengasoze ilapheke ngokuya ocansini njalo. Ukuze nikwazi ukuthola impande yale nkinga, xoxisanani kukuhle ukuze nikwazi ukuvumelana ngezinsuku eningaya ngazo ocansini.
Usengakwazi umyeni ukuzithiba, aphume ekubeni yingane engakhuli. Uma ekwazi ukuzithiba uma usesikhathini, uhlulwa yini ngesinye isikhathi? Umbuzo: Umyeni wami uyangihlukumeza ngokomoya. Sengimbekezelele kwanela manje. Akangazi nokuthi ngingubani. Useke waletha ngisho izintombi zakhe emzini wethu kodwa nalapho umndeni wami uthi angibekezele. Sekufike ekugcineni manje. Ngifuna ukufaka isehlukaniso ngoba angikwazi ukubekezelela umuntu ongangazi nokuthi ngiyini.
Igama Ligodliwe, UMGABABA Impendulo: Umshado uyisibusiso esivela kuJehova kodwa noma kunjalo akusho ukuthi umuntu akahlale emshadweni noma usuphelelwa yisithunzi ngenxa yokuhlukumezeka. Kuhle kakhulu ukubona ukuthi uyazihlonipha. Umuntu okwazi ukuletha omunye wesifazane emzini wenu ukhombisa ukungawukhathaleli nokungawuhloniphi umshado wakhe. Ngakho asikho isidingo sokuhlala lapho ungafuneki khona egameni lokuthi ushadile.
Esikhathini esiningi imindeni ike ithi asihlale emishadweni ngoba isuke ingasazi isimo osuke ubhekene naso ngakho kubalulekile ukuthi uwugeqele amagula ngesimo obhekene naso. Asiboni ukuthi ukhona umuntu okuthandayo ongakucindezelela ukuthi uhlale emshadweni onje. Umbuzo: Ngilungiselela ukushada nesithandwa sami kodwa kunezinto ezinganginiki ukuthula ngaye. Unabangani abaphuzayo nabashintsha abantu besifazane ngale ndlela exakayo. Ekuqaleni bengingenandaba ngokwenziwa abangani bakhe kodwa manje sengiqala ukukhathazeka ngoba obanye bashadile kodwa banezintombi noma kunjalo.
Kuyangithusa ukuthi uba kanjani nabangani abangawahloniphi ngale ndlela amakhosikazi abo. Ngizomuthemba kanjani mina uma sesishadile?
Nonceba, UMZIMKHULU Impendulo: Kuyiqiniso ukuthi uma ubuka abangani bomuntu uyakwazi ukuthola ukuthi ungumuntu onjani kodwa futhi akukuhle ukusola umuntu ngento angayenzanga. Abangani bomyeni wakho abangebahle hhayi yena. Ikakhulukazi ngoba awumazeli lutho.
Esibona kungakusiza wukwazisa isithandwa sakho ngokungagculiseki kwakho ngabangani baso nangendlela abaziphethe ngayo. Nokuthi unokusaba ukuthi le ndlela yabo ingase yehlele nakuyena uma ngabe echitha isikhathi esiningi nabo. Umbuzo: Ngishade ngo-2015, nginendodakazi engifike nayo emshadweni kanti nomyeni wami unomntwana afike naye. Inkinga ukuthi umyeni wami akafuni ngiyenzele lutho indodakazi yami engahlali nami.
Ngiyathanda ukuba sempilweni yayo njengomama kodwa umyeni wami uvele athi ukhona ubaba wayo, uyena okufanele anakekele ingane yethu. Kubuhlungu ukuzibona sengifihla kumyeni wami uma ngiyohlangana nengane yami. Ngangingazi ukuthi ukushada kanti kuzongenza ngizibone sengilahlekelwa umntwana wami ngalendlela. Ngenzenjani ukuze umyeni wami ayamukele ngokuphelele indodakazi yami futhi babe nobudlelwano?
Igama ligodliwe, eMGUNGUNDLOVU Impendulo: Uma ushada umuntu awushadi nje yena kuphela kodwa ushada nalokhu afika nakho. Indodakazi yakho iyingxenye yala usuka khona. Kuyinto embi nengakhi ukuthi umyeni wakho afune wena kuphela kodwa angafuni ukuzihlanganisa nomntwana wakho.
Asikho ngempela isidingo sokuthi ngisho ufuna ukubona indodakazi yakho sekumele ucathame.
Zama ukuxoxa nomyeni ngokuthi abantwana benu bobablili bazohlala nani, ngaleyo ndlela nizoba seduze futhi nikwazi ukwakha ubudlelwano obuhle nabo. Xhumana nathi ku: Facebook: Mo&Phindi Insta: Mo_Phindi Email: info@moandphindi. com