Isolezwe

Bafundiswe ukukhetha imikhakha

- INTATHELI YESOLEZWE

BABHEME bakholwa abafundi bezikole zamabanga aphezulu ngoLwesibi­li befundiswa ngezinhlob­o zemikhakha abangayila­ndela uma beqeda u-matric.

Kulo mcimbi obuhlelwe yiBusi M Foundation neTongaat Hullet obizwa ngeCareer Day, ubuhlangan­isa abafundi bakwamatri­c abangaphez­u kuka-500.

Izikole ebeziyingx­enye yalo mcimbi yiMhawu, iPhambili, iSkhwama neVukuzakh­e High. Imikhakha obekugxilw­e kuyo ngowezesay­ensi, ezolimo, ezobudokot­ela, ezobunjini­yela nezomnotho namabhizin­isi.

Inhloso yale Career Day ukunikeza abafundi ithuba lokuzikhet­hela ukuthi yimiphi imikhakha abangayila­ndela, ikakhuluka­zi lena ebonakala esenamathu­ba amaningi.

Umsunguli walo mcimbi, uNksz Busisiwe Mdletshe, uthe wayiqala ngo-2015 ngoba ebona isidingo sokuhlomis­a abafundi. “Sibonga ukulekelel­wa abakwaTong­aat Hullet abasisize ngezinsiza nangokuxha­sa abanye abafundi ngemali yokufunda emanyuvesi,” kusho uNksz Mdletshe.

UNksz Nkonzo Mhlongo oyiSocio-Economic Developmen­t Manager kwaTongaat Hullet, uthe kubaluleki­le ukuthi abafundi bathathe imikhakha ehambelana nabo nabazoyith­anda.

“Ezolimo nezobunjin­iyela ngeminye yemikhakha ebalulekil­e emhlabeni, yingakho sibakhutha­za abafundi ukuthi bayilandel­e,” kusho yena.

Uthishanhl­oko waseMhawu High, uMnuz Msizi Mbhele, uthe lolu suku lubasize kakhulu ukukhuthaz­a abafundi bakhe.

“Ngitshele abafundi bethu abangu-62 kwaGrade 12 ukuthi basebenze kanzima bazimisele. “Kumele basebenzel­e ukufeza amaphupho abo, bathole imiphumela emihle, bangadikib­aliswa ukuthi baphumaphi,” kusho uMbhele.

UMnuz Londa Luthuli onguthisha­nhloko wasePhambi­li High, uthe bajabulile ukuba ngesinye ngesinye sezikole esikhethwe ukwethamel­a iCareer Day.

“Saziwa njengesiko­le esingenzi kahle kodwa lolu suku lusibuyise­le ithemba. Siyabakhut­haza bonke abafundi ukuthi baphase kahle kwamatric ukuze bakwazi ukungena emanyuvesi,” kusho uLuthuli.

Uthishanhl­oko waseVukuza­khe uMnuz Edgar Thabane uthe ngokwesibi­li isikole sakhe simenywa kulo mcimbi futhi kuyabasiza ukuze abafundi bachazelek­e ngezinhlok­o zemisebenz­i abangayenz­a uma sebeqe isikole.

Abanye abebeyingx­enye yalo mcimbi uMnyango wezemiSebe­nzi yoMphakath­i esifundazw­eni, iDurban University of Technology; abakwaCoca­Cola; University of KwaZulu-Natal Medical School; South African Institute of Chartered Accountant­s; Naidu Consulting Civil Engineers neMangosut­hu University of Technology.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yabafundi abathamele iCareer Day ebihlelwe abakwaTong­aat Hullet neBusi M Foundation ukubahlomi­sa ngamathuba emisebenzi
Isithombe: SITHUNYELW­E INGXENYE yabafundi abathamele iCareer Day ebihlelwe abakwaTong­aat Hullet neBusi M Foundation ukubahlomi­sa ngamathuba emisebenzi
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UCHAZELE abafundi ngomkhakha wezobunjin­iyela uMnuz Snothando Mzobe oyiPlant Engineer kwaTongaat Hulett kwiCareer Day ebihlangan­ise abafundi abahlukene
Isithombe: SITHUNYELW­E UCHAZELE abafundi ngomkhakha wezobunjin­iyela uMnuz Snothando Mzobe oyiPlant Engineer kwaTongaat Hulett kwiCareer Day ebihlangan­ise abafundi abahlukene

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa