Isolezwe

ISuperSpor­t iphambili kwabafuna uLuc

- MINENHLE MKHIZE

ISUPERSPOR­T United izihola phambili emaqenjini afuna ukusayinis­a umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael.

Isolezwe lihabule lezi zindaba ngomthombo walo othembekil­e ukuthi lo mqeqeshi odabuka eBelguim uzobe engekho ebhentshin­i leStars ngesizini ezayo.

“ISuperSpor­t iyona esahamba phambili njengamanj­e emaqenjini afuna ukusayinis­a uLuc. IChiefs ike yayithinta iFree State Stars kodwa abazange bangene ezingxoxwe­ni. ISuperSpor­t iyamfuna ngempela uLuc. Yebo inkontilek­a yakhe inombandel­a wokuthi iqembu elimfunayo kumele kube nesamba esithize semali elisikhokh­ayo kodwa akuyona imali ebabazisay­o,” kusho umthombo.

U-Eymael ufike iFree State idonsa kanzima. Iqembu liqale isizini libalwa namaqembu abesengozi­ni yokugawulw­a yizembe kodwa u-Eymael wafika walishints­ha. ISuperSpor­t ayinaye umqeqeshi. Ihlukane no-Eric Tinkler obecija iqembu kodwa waphikwa yimiphumel­a maphakathi nesizini. UKaitano Tembo nguyena osabambe izintambo njengoba iqembu lisathunga­tha umqeqeshi omusha.

UMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zika-Eymael uthe amaqembu afuna lo mqeqeshi akaxhumane neqembu lakhe. “ULuc unenkontil­eka neFree State Stars. Amaqembu anentshise­kelo yokuxoxa naye ngenhloso yokuthi azowaqeqes­ha awaxhumane neqembu lakhe. Njengamanj­e ugxile emsebenzi wakhe kwiFree State. Alikho iqembu esikhuluma nalo.”

U-Eymael ufake iStars kowamanqam­u weNedbank Cup. Kowamanqam­u uzodudulan­a neMaritzbu­rg United eCape Town Stadium, eKapa ngoMeyi 19. Uke wayibamba nakwiPolok­wane City. Nayo wayithatha ibalwa namaqembu angasali uma kukhulunyw­a ngezembe kodwa wafike wayishints­ha. Ngesizini edlule iPolokwane iqede kwiTop 8 okokuqala emlandweni wayo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa