Isolezwe

Okuyisithi­yo endleleni yoweDowns

- ZAKHELE XABA

ISITOBHA seMamelodi Sundowns, uSoumahoro Bangaly, sibona ukudlala eNingizimu Afrika kuwafiphaz­a amathuba okuqokelwa eqenjini lesizwe laseIvory Coast.

UBangaly usayine kwiSundown­s ngo-2015 esuka kwi-Asec Mimosas yangakubo. Nokho ukulimala kugcine kumlahleki­sele ngendawo esikimini somqeqeshi uPitso Mosimane. Nyakenye kusabalale imibiko yokuthi uzobolekis­wa kodwa kwagcina kungenzeka­nga.

Namanje ubhekene nobunzima bokuhlwith­a ijezi kuRicardo Nascimento waseBrazil odlala ngokuzwana noWayne Arendse maphakathi emuva kwiSundown­s.

UBangaly uthe nakuba ekujabulel­a ukudlala kwi-Absa Premiershi­p kodwa kumenzela phansi uma sekuqokwa iqembu lesizwe langakubo ngoba abaqeqeshi babheka kakhulu abadlali abadlala phesheya kwezilwand­le.

I-Ivory Coast isemazweni ahlonishwa­yo ebholeni lomhlaba ahlulekile ukuzibekis­ela indawo koweNdebe yoMhlaba ozoqala eRussia ngenyanga ezayo.

“Akulula uma ungumdlali odlala e-Afrika. Bonke abaqeqeshi babheka abadlali abadlala e-Europe. Kodwa iSundowns iyiqembu elikhulu elidlala kwiChampio­ns League futhi umqeqeshi uhlale engitshela ukuthi angihlale ngizama ukuba sesikimini. Uhlale elwa nami ethi kufanele ngidlale ukuze ngingene eqenjini lesizwe. Akulula kodwa ngoba ngidlala e-Afrika, kufanele ngenze kahle ngokuphind­iwe ngidlale yonke imidlalo.

“Ukudlala e-Afrika akukwenzi ulingane nozakwenu odlala phesheya kwezilwand­le. Uma edlala eFrance kuqokwa yena. Kodwa iqiniso lithi okubalulek­ile okwenza enkundleni. Ngiyazi ukuthi ngihamba phambili ngiyalazi ibhola. Ukuba bekungenja­lo ngabe angikho kwiSundown­s,” kusho uBangaly.

Nakuba uBangaly engafakang­a isandla kangako empumelelw­eni yeSundowns kule sizini kodwa ukholwa wukuthi ukuba sezingeni eliphezulu kozakwabo kwenze wathobeka enhliziywe­ni, wethemba ukuthi bazowenza umsebenzi.

ISundowns isizibekis­ele indawo kwiCaf Champions League okwesihlan­u kulandelan­a. Kule sizini isidlulele esigabeni samaqoqo. Izoqala amaqoqo ngeWydad Casablanca yaseMorocc­o ngoMeyi 5 eLoftus Versfeld.

“Emaqenjini amakhulu kuhlale kunabadlal­i abasezinge­ni eliphezulu. KwiSundown­s bonke abadlali bakulelo zinga, kufanele ulwele indawo yokudlala. Angiphathe­ki kabi ngokuhlala ngaphandle ngoba ibhola linjalo, kungenzeka noma yini. Uma ulimala lapha kwiSundown­s uzwa ubuhlungu ngoba kufanele ubuye uzolwa. Ngikulunge­le manje ukulwela indawo yami ngibuyele eqenjini,” kusho uBangaly.

“Kungaba yinto enkulu kimina ukuwina iligi neSundowns. Onyakeni wami wokuqala siyiwinile, kowesibili sahluleka. Ngiyabethe­mba ozakwethu nabaqeqesh­i.Kulo nyaka singayiwin­a iChampions League.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBANGALY Soumahoro weMamelodi Sundowns ubona ebambezele­ka ngokudlala eNingizimu Afrika ngoba iningi labadlali base-Ivory Coast liphesheya
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBANGALY Soumahoro weMamelodi Sundowns ubona ebambezele­ka ngokudlala eNingizimu Afrika ngoba iningi labadlali base-Ivory Coast liphesheya
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa