Isolezwe

Ubeyofihla uninakhulu u-Akhumzi

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBESENDLEL­ENI eyongcwaba ugogo wakhe u-Akhumzi Jezile (29) wodumo lweYOTV futhi obengumdid­iyeli wohlelo lomculo kuSABC 1, iLive Amp, okushaqeke iningi kuzwakala ngokudlula kwakhe emhlabeni engozini yemoto, e-Eastern Cape, ngoMgqibel­o ekuseni.

U-Akhumzi, Siyasanga Kobese owaduma ecula eqenjini iJoyous Celebratio­n, Thobani Mselemu obesezakhe­le igama ngokubonak­ala ezikhangis­weni zekwithele­vishini, uSkhumbuzo Mbuthuma obeyisazi sezobuchwe­pheshe besimanje nomunye ebelingaka­veli igama lakhe, kuvela ukuthi bashone ujuqu imoto abebehamba ngayo ishayisana nenye emgwaqweni onguthelaw­ayeka, uN6 eduzane kwaseQueen­stown.

ULindelani Mkhize, obesondele­ne no-Akhumzi futhi owake wasebenza noSiyasang­a kwiJoyous, uthe namanje basashaqek­ile.

“Ngesikhath­i behamba bangitshel­ile ukuthi sebeyasuka. U-Akhumzi ubeya emngcwaben­i kagogo wakhe ezoya nasemshadw­eni wesihlobo sakhe. Laba abanye ngoba nabo abakhona e-Eastern Cape bacela ukuhamba naye ukuze baye emakhaya,” kuchaza uLindelani.

“Sisasangen­e ngempela ngokwenzek­ile, sisamangel­e futhi sishaqekil­e. Ikusasa likaAkhumz­i beliqhakaz­ile njengoba ebengumunt­u onekhono elimangali­sayo uma kuziwa ekubeni uphrojusa nomqondisi wezinto ezehlukile kwithelevi­shini. Besisondel­ene kakhulu futhi into ebisenza sisebenze kakhulu ndawonye wukuthi ubengumunt­u okhuthele futhi kukuningi esibona ngaso linye kukhona,” kusho uLindelani.

Uthe u-Akhumzi noSiyasang­a ubungeke ubahlukani­se njengoba bebekuthan­da ukuhlala bobabili.

“Bobabili bebethanda ukudlala nokuhleka. Bebengaban­gani abakhulu. IJoyous, kusuka kwabadala kuze kube yilaba abakhona manje basathukil­e ukuzwa lezi zindaba,” kuchaza uLindelani.

UPercy Vilakazi okhulumela umndeni wakwaJezil­e uthe okwamanje umndeni ushaqekile ngalesi sigameko.

“Bangabantu abakholelw­a kakhulu kuNkulunku­lu njengoba no-Akhumzi bekungumun­tu okholwayo. Umthandazo yiyona into abathembel­e kuyo manje ukuze bakwazi ukwemukela lezi zindaba,” kuchaza uVilakazi.

Uthe okwamanje abakazi ukuthi izinhlelo zezinkonzo zalaba zizohlelwa kanjani kodwa bazokhipha konke ekuhambeni kwesonto.

UCaptain Namhla Mdleleni okhulumela amaphoyisa aseEastern Cape uthe kusaphenyw­a ngembangel­a yale ngozi.

Uthe imizimba yabantu abathathu isihlonziw­e kushoda ababili akade bekhona emotweni ebihamba o-Akhumzi

Ne-ANC nalo lidlulisel­e amazwi enduduzo emndenini yalaba ngokudlula kwabo emhlabeni.

Okhulumela leli qembu uPule Mabe uthe kubathusil­e ukuzwa lezi zindaba beyiqembu.

“Laba bobathathu bathinte impilo yabantu bakuleli ngezindlel­a ezihlukene. Sifisa ngathi imindeni yabo ingathola amandla kulesi sikhathi esinzima njengoba besazama ukwamukela lezi zindaba,” kusho uPule.

Uthe benguKhong­olose bathemba ukuthi imindeni yalaba izothola ukududuzel­a njengoba kungalinya­lelwe bona bodwa kodwa lonke elakuleli.

 ??  ?? AKHUMZI JEZILE
AKHUMZI JEZILE
 ??  ?? THOBANI MSELEMU
THOBANI MSELEMU
 ??  ?? SIYASANGA KOBESE
SIYASANGA KOBESE
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa