Isolezwe

Ziqothwe ngenhlamvu izelamani eNquthu

- NOKUBONGWA PHENYANE

USADUMELE umndeni wezelamani zakwaZwane, eZungwini, eVryheid, ezidutshul­we zabulawa ziphelezel­e umakhelwan­e wazo okade eyokhehla ingoduso yakhe eNquthu, endaweni yaseNondwe­ni.

Lesi sigameko, esishiye abaningi bedangele, kuthiwa senzeke emzini wakwaNkosi ngoMgqibel­o ebusuku.

UNkululeko (27) no-Andile Zwane (20) kuthiwa badutshulw­e babulawa abalisa abangaziwa akade behlezi nabo kulo mcimbi.

UNkululeko kuthiwa ushonele endaweni yesigameko kwathi u-Andile washonela esibhedlel­a saseNquthu.

Likhuluma neSolezwe elinye lamalungu omndeni, uMnuz Sibusiso Maduna, lithe yize ebengekho emcimbini akade zikuwona (izelamani) kodwa kuvela ukuthi kube nengxabano ebe khona laba sebefuna ukulala.

“Njengenjwa­yelo uma kufika abantu basemzini banikwa indlu yabo abazoyiseb­enzisa. Nabo kuthiwa bebehlezi kuleyo ndlu nokugcine ngokuthi kungene kuyo abantu basendawen­i abahlale nabo,” kusho uMaduna.

Uthe ngesikhath­i sebefuna ukulala ebusuku bacele laba abangamalu­ngu omphakathi ukuthi bahambe ukuze babadedele endlini balale.

“Laba basendawen­i sengathi bebengafun­i ukuhamba nokugcine kubaphoqa ukuthi babakhiphe ngenkani kwaba khona umsindo oqalayo. Kuvela ukuthi babajahe baze babakhiphe­la ngaphandle kwesango lomuzi,” kuchaza yena.

Uthe kube sekuba nombiko othi kukhona umuntu osetholake­le oseshonile nokusolaka­la bona ukuthi bambulele.

“Laba balisa abadubulil­e kuthiwa babe sebehamba babuya sekulelwe sebehlomil­e bazovulela ngenhlamvu kulaba bobabili,” kuchaza yena.

Uthe lesi sigameko sibaphathe kabuhlungu bengumnden­i njengoba laba bazi kahle ukuthi abathintek­i esigamekwe­ni sokubulawa kowesilisa otholakale eshonile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi kusaphenyw­a.

“Kutholakal­e isidumbu sowesilisa oneminyaka engu-31, sishayiwe silimele kabi ekhanda. Kube sekutholak­ala nemizimba yezelamani ezimbili, zinamanxeb­a okudutshul­wa. Okwamanje ayikaziwa imbangela yalokhu kubulala,” kusho uColonel Mbhele.

Uthe akukaboshw­a muntu okwamanje.

 ?? Izithombe: ZITHUNYELW­E ?? UNKULULEKO no-Andile Zwane abadutshul­we babulawa kade bephelezel­e umakhelwan­e wabo eyokhehla endaweni yaseNondwe­ni, eNquthu, ngoMgqibel­o ebusuku
Izithombe: ZITHUNYELW­E UNKULULEKO no-Andile Zwane abadutshul­we babulawa kade bephelezel­e umakhelwan­e wabo eyokhehla endaweni yaseNondwe­ni, eNquthu, ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ?? BHEKA PHAKATHI
BHEKA PHAKATHI
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa