Isolezwe

Ubephila nawo wonke umuntu uBheka Phakathi

- MINENHLE MKHIZE

UHLULEKILE ukuzibamba wakhihla esikaNandi uSibusiso Msomi obesondele­ne nengwazi yeLamontvi­lle Golden Arrows ne-Orlando Pirates uBheka Phakathi ngesikhath­i echaza ngokudlula kwakhe emhlabeni.

UPhakathi (43) ushone izolo engozini yemoto ngesikhath­i ehamba nabangani bakhe ababili ngakubo eGreytown.

Isolezwe lihambele umndeni kaPhakathi eLamontvil­le kodwa lafika unkosikazi wakhe namanye amalungu omndeni bengekho. Kuthiwa bebesaye endaweni yesigameko.

Ngemuva kwalokho libe selikhulum­a namalungu omphakathi. UMsomi obesiza uPhakathi ngokumenze­la igceke nokumwashe­la izimoto zakhe, umchaze njengomunt­u obengazith­wele.

“Angazi mfowethu ngingakuqa­lela kuphi. Umlisa (Phakathi) ngikhulisw­e nguyena mina. Ngimngaka futhi nginjena nje kungenxa yamandla akhe. Ubemdala kodwa ubekwazi ukuphila nabantu abasebanca­ne. Ubephila nawo wonke umuntu walapha emphakathi­ni. Ubengazith­wele. Ubungeke usho ukuthi unomuzi omkhulu futhi unemali. Imina, uLuyanda noSiya (Dube osegijima eqenjini elikhulu le-Arrows) sikhuliswe uyena njengoba besidlala ibhola. Ngeke uze ungitshele mina ngoBheka. Umalume bengimazi ingaphakat­hi lakhe uma engekho esimeni esihle,” kusho uMsomi.

UPhakathi ushone esecija iqembu eligijima ku-ABC Motsepe League, uMvoti FC.

“Angazi mfethu ngingaqala kuphi ngigcine kuphi. Angikakhol­wa ukuthi akasekho ngempela emhlabeni. Ngisho nangesikha­thi ngivuka ekuseni angizange ngikholwe. Namanje angikholwa. Ngeke ungitshele ngezingane zalapha. Unkosikazi wakhe ubefana no-anti kimina ngoba siyizihlob­o. Ngishayeke kakhulu ngoba umalume bengisonde­lene naye. Ayikho into ebengingay­ikhulumi naye,” kusho uMsomi.

Ubungabuzi ukuthi yikuphi kwakhe kwazise ubudonswa yizimoto eziningi ebezipake eduze kwesithaba­thaba somuzi.

I-Arrows ayizange isale ngaphandle kwababhong­e emswaneni ngokudlula emhlabeni kukaPhakat­hi. Leli qembu likhiphe isitatimen­de ekhasini kuTwitter lidlulisa amazwi enduduzo emndenini.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa