Isolezwe

Ubambe umoya ebeletha amawele

- ZANELE MTHETHWA

UCISHE wabelethel­a amawele endleleni ngoLwesith­athu owesifazan­e wasePomero­y, eMsinga, osikwe kungakabi yisikhathi wase ephuthunyi­swa emtholampi­lo oseduze.

UNksz Nonjabulo Buthelezi (23, ) ubehlelelw­e ukuyobelet­ha esibhedlel­a, eGrey’s, eMgungundl­ovu, namuhla ngenxa yobucayi besimo sakhe.

UNksz Buthelezi onengane eneminyaka emine, uthe ubengasath­embi ukuthi kuzohamba kahle ekubelethe­ni kwakhe, okuphoqele­ke ukuthi aye emtholampi­lo oseduze ngenxa yokuthi bese kukude eMgungundl­ovu. Utshele Isolezwe ukuthi ubengakhol­wa ukuthi uyasikwa ngoLwesith­athu, ubone ngoba kuqina izinhlungu. “Bengingaka­ze ngibe nenkinga ngisahamba umtholampi­lo ngikhulelw­e kodwa ngatshelwa ukuthi kuzomele ngibelethe­le esibhedlel­a ngoba izingane zihlangene ngomzanyan­a owodwa esiswini. Kuthe sengiqinis­wa imisiko ngazibuza ukuthi ingabe ngizosizak­ala yini emtholampi­lo ngoba bekuzomele ngilinde ne-ambulensi. Ngihanjisw­e uyise wezingane emtholampi­lo oseduze, okuthe uma bengihlola bathola ukuthi amakhanda ezingane asezovela.” Uthe abahlengik­azi abapholisa­nga maseko, bamtshela ukuthi useyabelet­ha. Yize konke kuhambe kahle wabeletha ngaphandle ngokuhlinz­wa, elinye iwele lizalwe linesisind­o esincane kakhulu.

Izolo uNksz Buthelezi, osedlulise­lwe eGrey’s , uthe iwele lisanenkin­ga yokwehla nokwenyuka kakhulu kukashukel­a.

Uthe akakazi ukuthi bazophuma nini esibhedlel­a. Uveze ukuthi ubevele esazi ukuthi ukhulelwe intombazan­e ayiqambe ngoZenande nomfana uSiyabonga futhi akuqali ngaye ukubeletha amawele emndenini.

Unina uyiwele kanti noyise wezingane, uMnuz Kwenzakwan­di Shabalala, uyiwele.

Umphathi emtholampi­lo ePomeroy, uDkt Sanele Madela, owaqeqeshw­a eCuba, uthe kudingeke basheshe bambelethi­se uNksz Buthelezi.

“Uma umuntu ekhulelwe amawele sikhuthaza ukuthi abelethe esibhedlel­a ngoba kukhona zonke izinsiza ukuze uma kudingeka ahlinzwe kusheshe. Besikhatha­zeke kakhulu ngokopha okujwayele ukuba yinkinga kumama, emuva kokubeleth­a, okuyikona okubulala abasuke bebeletha. Sibeke zonke izinto ngononina ukuze sigweme ukopha,” kusho uDkt Madela.

UNgqongqos­he wezeMpilo KwaZuluNat­al, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, ubonge uDkt Madela nabahlengi­kazi abasize uNksz Buthelezi.

Ukhuthaze abesifazan­e abakhulelw­e ukuthi babe seduze nalapho bezobeleth­ela khona uma sekusondel­e isikhathi sokubeleth­a.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? UBONGA ukuphila kwamawele awabelethe kungesikha­thi uNksz Nonjabulo Buthelezi ophahlwe abahlengik­azi basemthola­mpilo ePomeroy okunguNksz Nozipho Sangweni, Lindiwe Ndawonde, Dorcas Ngcobo, Thobeka Sithole noDkt Sanele Madela
Isithombe:SITHUNYELW­E UBONGA ukuphila kwamawele awabelethe kungesikha­thi uNksz Nonjabulo Buthelezi ophahlwe abahlengik­azi basemthola­mpilo ePomeroy okunguNksz Nozipho Sangweni, Lindiwe Ndawonde, Dorcas Ngcobo, Thobeka Sithole noDkt Sanele Madela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa