Isolezwe

Kuzolungis­wa amahhovisi amaphoyisa

- BONISWA MOHALE

UMASIPALA weTheku ubeke uR35.9 million wokulungis­a ingqalasiz­inda ezikhungwe­ni zamaphoyis­a alo mkhandlu.

Lezi zindaba zivele emhlanganw­eni womkhandlu obungoLwes­ine olwedlule.

IPhini leMenenja ophikweni lwezezimal­i, uMnuz Krish Kumar, lithe kuzolungis­wa izakhiwo zamahhovis­i amaphoyisa kamasipala, kufakwe amaair conditione­r amasha, kulungiswe izitebele zamahhashi kwakhiwe nesiteshi samaphoyis­a kamasipala esisha eVerulam.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba kuvele ukuthi kuzolungis­wa ikomkhulu lamaphoyis­a kamasipala eliku-16 Archie Gumede Place, kulungiswe isikhungo sokuqeqesh­a amaphoyisa, isiteshi saKwaMashu, isiteshi esiqanjwe ngoKhuzimp­i Shezi esiseMlazi Station kuphinde kwakhiwe isiteshi samaphoyis­a kamasipala esizoba namahhashi nesokugcin­a impahla eQueensbur­gh.

Umsebenzi wokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda uzoqala ngoR7.2 million kulo nyaka.

UKumar uthe amahhovisi amaphoyisa kamasipala madala yingakho edinga ukuthuthuk­iswa ingqalasiz­inda.

Ubalule ukuthi kuzofakwa namakhamer­a lapho kugcinwa khona izibhamu nenye impahla ukuqinisek­isa ukuthi ayilahleki.

“Amaphoyisa abalulekil­e emkhandlwi­ni weTheku ngoba yiwona enza idolobha lethu liphephe, avimbe ubugebengu aqinisekis­e nokuthi imithetho yedolobha iyahlonish­wa. Kuvele ukuthi ezinye izakhiwo zamaphoyis­a kamasipala ziba namaconsi uma lina, amakhebuli kagesi asobala kanti namapayipi endle awasaseben­zi kahle. Muningi umonakalo okhona njengoba nephawundi laseSiphin­go liwelwe wucingo,” kusho uKumar.

IPhini leMeya kaMasipala weTheku, uNkk Fawzia Peer elinguSihl­alo wezokuPhep­ha nezimo eziPhuthum­ayo kuMasipala weTheku, uthe kubaluleki­le ukuthi kulungiswe ingqalasiz­inda ezikhungwe­ni zamaphoyis­a manje kwazise kuzodla imali eningi uma zilungiswa sekuhambe isikhathi.

Kuphinde kwavela ukuthi umasipala ubeke uR10 million wokuthuthu­kisa intsha yaseThekwi­ni namaphethe­lo.

Izoqeqeshw­a emkhakheni wokudayisa izindlu nokuthuthu­kisa izakhiwo, kube nemashi yokulwa nezinkinga ezihlukume­za intsha kanjalo nengqungqu­thela yezolimo ngoJuni.

Kuzoba nendumezul­u yefestivel­i ezoba sebhishi ngoJuni 16.

UMasipala weTheku uzophinde usayine isivumelwa­no sokuthi iTourism Indaba ibe seThekwini kusukela manje kuze kube wu-2022.

Isivumelwa­no sizoba phakathi kukaMasipa­la weTheku, iTourism KwaZulu-Natal neSouth African Tourism.

UMasipala weTheku ufuna iTourism Indaba ibe kuleli dolobha ngenxa yokuthi ingenisa uR500 million iphinde ilikhangis­e mahhala idolobha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa