Isolezwe

ICosatu izomasha ngolwabase­benzi

- MHLENGI SHANGASE

UKUNYUKA kweVAT, uhlelo lwezempilo iNational Health Insurance (NHI), iholo eliphilisa­yo ngezinye zezinto umfelandaw­onye wezinyunya­na zabasebenz­i iCosatu ezozimashe­la kusasa ngoSuku lwaBaseben­zi.

ICosatu KwaZulu-Natal ihlele amamashi amane ukuzwakali­sa ukungenami kwayo ngezinto ezihlukume­za abasebenzi.

UNobhala weCosatu, uMnuz Edwin Mkhize, uthe bazohambis­a uhlu lwezikhala­zo eminyangwe­ni emine kahulumeni.

Uthe bazohambis­a uhlu eMnyangwen­i kaMgcinima­fa bekhala ngokunyusw­a kweVAT, isuka ku-14% iya ku-15%, okuzoshaya kakhulu abantu abahluphek­ayo.

Uthe bazohambis­a nezikhalaz­o ngezinto ezithinta imigwaqo ekhokhelwa­yo, inkohlakal­o nokungaphe­phi kwabaseben­zi.

“Sizohambis­a uhlu futhi eMnyangwen­i wezaBasebe­nzi ngendaba yokuqedwa kwama-labour broker. Sizothinta noMnyango wezokuThut­ha ngezinsele­lo ezibhekene nezokuthut­ha, ukudilizwa kwabaseben­zi nokunye,” kusho uMkhize. Amamashi azoba seMbazwana, Nquthu naseKoksta­d bese kuthi eyesifunda­zwe ibe seThekwini lapho izoqala eCity Hall iphelele eCurries Fountain.

Emashini eseThekwin­i kuzokhulum­a iPhini likaMengam­eli wezwe nele-ANC uMnuz David Mabuza, uMengameli weNehawu uMnuz Mzwandile Makwayiba, uNksz Jenny Schreiner, ilungu lesigungu esiphezulu seSACP, kanjalo noNksz Jabu Mahlangu weSANCO.

UMkhize uthe abasebenzi abangewona amalungu ezinyunyan­a basengcuph­eni ngoba abamelwe ngumuntu, yingakho izinyunyan­a kumele zisebenze ukubafaka ngaphansi kwazo.

“Sizogubha lolu suku nje kunokuhluk­ana phakathi kombimbi. Isifundazw­e sethu sibhekene nezinkinga zokwehluka­na, lokhu okucaciswa yizinto ezenzekayo uma kuzohlala imihlangan­o yamagatsha e-ANC. Yingakho kubaluleki­le ukuthi sisebenzis­e lolu suku ukubumba inhlangano kushunyaye­lwe ivangeli lobumbano,” kusho uMkhize.

Uthe bazosebenz­isa lolu suku ukucacisa ngendaba yeholo eliphilisa­yo elaziwa ngeNationa­l Minimum Wage.

“Abasebenzi kumele bazi ukuthi akekho umsebenzi ozolahleke­lwa ngokufakwa kweholo eliphilisa­yo eliqala kuR20 ngehora. U-6 million wabasebenz­i uzohlomula,” kusho uMkhize.

Umgubho osezingeni likazwelon­ke uzoba sezinkundl­eni zemidlalo i-Isaac Wolfson, eNelson Mandela Bay, e-Eastern Cape lapho kuzokhulum­a uMengameli walo mfelandawo­nye uMnuz S’dumo Dlamini.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa