Isolezwe

I-Black Sash ikhala ngesinqumo sikaShaban­gu

- BONISWA MOHALE

INHLANGANO esiza umphakathi, iBlack Sash, izwakalise ukukhathaz­eka kwayo ngokuhoxis­wa kwethenda yokuthi kuqokwe inkampani ezoholela abantu izibonelel­o zikahulume­ni, obekulinde­leke ukuthi ingene esikhaleni seCash Paymaster Services (CPS).

NgoLwesith­athu uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNkk Susan Shabangu, ufake amaphepha eNkantolo yoMthethos­isekelo ecela ukumisa ithenda yokuqoka inkampani ezoholela abantu imali esandleni.

UNkk Shabangu ukhale ngokuthi izinkampan­i ezifuna ithenda yalo msebenzi zikhala ngokuthi azinikezwa­nga imininingw­ane eyanele. Emaphephen­i abonwe yiSolezwe iG4S, efuna lo msebenzi, ikhale ngokuthi uMnyango awuyinikan­ga imininingw­ane yokuthi bangaki abantu abazoholel­wa izibonelel­o zikahulume­ni nokuthi lowo msebenzi wenziwa ngamalini okwamanje.

Ikhale nangokuthi akulungile ukuthi inkampani eholela abantu izibonelel­o, iCPS, iyigodle yonke imininingw­ane ezosiza ezinye izinkampan­i ukufaka isicelo.

UNkk Shabangu uthe ngalesi sizathu ukhethe ukuzihoxis­a izinhlelo zokuqoka inkampani kuze kube zicutshung­ulwa kahle izikhalo zezinye izinkampan­i.

UNkk Angie Richardson, obhekelele ezokuxhuma­na kwiBlack Sash, uthe ngoMashi babeshilo ukuthi ukugodlwa kwemininin­gwane yabantu yiCPS akulungile futhi kuzokwenza ezinye izinkampan­i zingaphume­leli uma sezifake izicelo zokwenza lo msebenzi.

Uthe kusho ukuthi iCPS izoqhubeka nokuholela abantu ngenxa yokuthi uNkk Shabangu uyehluleka ukuyitshel­a ukuthi idedele imininingw­ane yabantu.

“Sicela uNgqongqos­he asicacisel­e ukuthi ithenda izoyibuyis­elwa nini futhi, izinkampan­i ezifake izicelo zizonikezw­a nini imininingw­ane eziyidinga­yo. Sikhathele wukuthi kulokhu kululwa inkontilek­a yeCPS exhaphaza abantu ngokudonsa imali kwizibonel­elo zabo,”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa