Isolezwe

Ipolitiki ibhuntshis­e ekugcineni umjaho kaZuma

- BONGANI HANS

UKUPHUMA kowayengum­engameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma esikhundle­ni kuhoxise abaxhasi bomjaho oqanjwe ngaye.

Lo mjaho ka-42km ubunabaxha­si eminyakeni emithathu selokhu wasungulwa.

Usuka eSeven Oaks ngaphandle kwaseGreyt­own uye eMshwathi ngaphandle kwaseMgung­undlovu.

Umhleli womjaho, uMnuz Celi Makhoba uthe baphoqekil­e ukuthi bawuhoxise umjaho ngenxa yokungabi khona kwabaxhasi.

UMakhoba uthe ngonyaka odlule bangu-900 abagijimi ababengene­le umjaho, kulo nyaka bangu-400 akade bewungenel­e.

Uthe ubengakama­zisi uZuma ngokuhoxis­wa kwawo njengoba wayezile ngesikhath­i wethulwa eGreytown ngo-2015.

“Besidinga uR800 000 ukuwenza kodwa asizange sibathole abaxhasi. Ngokudlule sasinabaxh­asi abaningi okuhlangan­isa osomabhizi­nisi nomasipala,” kusho uMakhoba.

IMeya yaseMzinya­thi uMnuz Petros Ngubane oyikhansel­a kuMasipala waseMvoti owawuxhase umjaho ngokudlule, utshele abezindaba kwaSABC ukuthi umjaho uhoxisiwe ngenxa yokugxambu­kela kosopoliti­ki.

Utshele i-Independen­t Media izolo ukuthi ukushintsh­a kukahulume­ni yikona okuhoxise abaxhasi.

UNgubane uthe uMasipala waseMvoti ubuqasha abantu abazoseben­za emjahweni, ufake imali ezinhlelwe­ni zokuwuhlel­a bathenge nokudla.

“Abahleli beJG Zuma Marathon bafike kithina ngoJanuwar­i, sabachazel­a ukuthi asinayo imali. Sizohlela omunye umcimbi ozovala isikhala seJG Zuma Marathon, ozoba phakathi kweNquthu neDundee.

Ngizolweth­ula emkhandlwi­ni lolu daba futhi size negama elisha,” kusho uNgubane.

UMakhoba ukuphikile ukuthi ushintsho olube khona kuhulumeni yilona oluhoxise abaxhasi.

UNkk Phindile Phungula okhulumela umasipala waseMdloti uthe batshelwe ngesonto eledlule ukuthi umjaho ngeke usaba khona.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBUHANJELW­E osaziwayo umshado womsakazi woKhozi FM uThembeka Zondo obeshada izolo nomyeni wakhe uBongani Cele. Kulo mshado bekukhona osaziwayo abahlukene okukhona kubona uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMalusi Gigaba nonkosikaz­i wakhe uNorma nonkosikaz­i...
Isithombe: SITHUNYELW­E UBUHANJELW­E osaziwayo umshado womsakazi woKhozi FM uThembeka Zondo obeshada izolo nomyeni wakhe uBongani Cele. Kulo mshado bekukhona osaziwayo abahlukene okukhona kubona uNgqongqos­he wezaseKhay­a uMalusi Gigaba nonkosikaz­i wakhe uNorma nonkosikaz­i...
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa