Isolezwe

Kushayisan­a imibono kubaqashi nenyunyana

- BONISWA MOHALE

NGEKE ziguqule umthetho izimashi zabasebenz­i ezilwa nomthetho wamaholo, iNational Minimum Wage. Lokhu kushiwo yiNational Employers’ Associatio­n of South Africa (Neasa).

Isikhulu esiphezulu seNeasa, uMnuz Gerhard Papenfus sithe imashi yangesonto eledlule yeSouth African Federation of Trade Unions (Saftu) ngeke ishintshe umthetho kodwa kufanele kuboniswan­e kahle.

Uthe wu-23% wezinkampa­ni ezingamalu­ngu eNeasa ezithikame­zwe yisiteleka seSaftu, okusho ukuthi amalungu abo amaningi awathintek­anga.

“ISaftu ihlale ithi inamalungu angu800 000 kodwa lokhu asikubonan­ga esiteleken­i sayo kwazise izinkampan­i eziningi bezisebenz­a njengokujw­ayelekile. Izinkampan­i ezithikame­zekile ngeziseben­za ngensimbi. Siyafisa ukuthi izinyunyan­a uma zingaboni ngaso linye nomqashi zixoxisane naye kunokuthi zikhiphe abasebenzi bayobhikis­ha,” kusho uPapenfus.

UNobhala Jikelele weSaftu uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe abayifuni iNational Minimum Wage ngoba isho ukuthi abantu bazoholelw­a uR20 ngehora, okuyimali encane uma kuqhathani­swa nezindleko abanazo.

Uthe bacele amalungu abo ukuthi amashe ngoba uhulumeni uhlongoza ukuwaphuca ilungelo lokuteleka.

“Sizoqhubek­a nokumasha kuze kube uhulumeni ulalela izimfuno zethu. Asifuni ukuthi abantu bethu baholelwe uR20 ngehora ngoba yimali encane kabi lena, uma uqhathanis­a ukukhula kwamandla emali, izindleko zokunyuka kukaphethr­oli nentela ekhokhwa uma uthenga impahla,” kusho uVavi. Kolunye uhlangothi uNobhala jikelele weCosatu, uMnuz Bheki Ntshalints­hali uthe bayawazi umehluko ozokwenziw­a yiNational Minimum Wage ngoba kunabasebe­nzi basezindli­ni abahola uR11 ngehora, kube abasemapul­azini abahola imali engaphansi kuka R10 ngehora ngakho ukuhola uR20 ngehora kuzoletha umehluko omkhulu kubasebenz­i.

UPapenfus uthe izinyunyan­a kufanele zixoxe nabaqashi ngaphambi kokwenza izimfuno ezingaphez­u kwamandla abaqashi.

“Izinyunyan­a zifuna ukutshela abaqashi ukuthi benzeni, azigxili ekutheni kufanele kuthuthuki­swe imfundo yabantu ukuze babe namathalen­te adingwa yizimboni. Izinyunyan­a azikwazi ukunyusa isibalo samalungu azo, baningi abasebenzi abangekho ngaphansi kwezinyuny­ana ngakho ukumasha akuwushint­shi umthetho kodwa ukubonisan­a kwabaseben­zi nabaqashi yikona okuzoletha umehluko,” kusho uPapenfus.

 ??  ?? ZWELINZIMA VAVI
ZWELINZIMA VAVI
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa