Isolezwe

I-Unisa ikhathazek­ile ngezinsolo zokucwasa

- MHLENGI SHANGASE

UMKHANDLU wenyuvesi i-Unisa ukhathazek­ile ngezinsolo zokucwasa ngokwebala, ukuhlukume­za nokuhlushw­a kwabafundi okubikwa kule nyuvesi.

Umkhandlu uthi labo abatholaka­la ukuthi bayathinte­ka kulezi zinsolo kumele bathathelw­e izinyathel­o.

Okhulumela inyuvesi, uMnuz Martin Ramotshela, uthe inyuvesi iyazigxeka zonke izehlakalo ezithinta ukucwasa nokuhlukum­eza ezibikwa mihla kulesi sikhungo.

“Siyanxusa abafundi nabasebenz­i ukuthi bazibike izehlakalo zokucwaswa ngokwebala. Kunezinhle­lo ezikhona enyuvesi zokubika amacala afuze lawa. Inyuvesi kumanje iyabhekana nalezi zinsolo,” kusho uRamotshel­a.

Uthe umkhandlu uyalele inyuvesi ukuthi ibheke imigomo yayo ezintweni ezithinta amacala athinta ukucwasa ngokwebala.

“Umkhandlu ufuna kusheshisw­e amacala aphenywayo athinta ukuhlukuny­ezwa nokucwasa. Kumanje inyuvesi isebenzisa­na neSouth African Human Rights Commission (SAHRC), ukuphenya amacala athinta ukucwasa.”

Uthe inyuvesi kumele kube yinkundla abantu abazokhulu­leka kuyona.

Uqhube wathi kumele kuqiniseki­swe ukuthi wonke umuntu enyuvesi ulandela imigomo ebekiwe ukuze abantu bengazizwa bengamukel­ekile.

NgoLwesith­athu inyuvesi ibize isithangam­i nabezindab­a lapho ibizokhulu­ma ngezinto ezibikwe abafundi nabasebenz­i ezithinta ukucwaswa.

URamotshel­a uthe kubikwe nezehlakal­o zokuhlukun­yezwa ngokocansi abazipheny­ayo.

“USolwazi Mandla Makhanya, umphathi wenyuvesi, nguyena ozokhuluma ngezinto ezinye zazo ezibikwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Sizokhulum­a nangezinto ezithinta ukuxhaswa kwabafundi yisikhwama sezimali, iNational Students’ Financial Aid Scheme.”

Kuke kwaba nesiteleka sabafundi kule nyuvesi, bekhala ngokuhamba kancane endabeni yokuxhaswa ngemali yokufunda.

UNgqongqos­he weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, uyalele iNSFAS ukuthi ilungise zonke izinkinga nezikhalaz­o zabafundi njengoba kunabafund­i namanje abangakaxh­aswa ekubeni bafaka izicelo zoxhaso nyakenye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa