ISadtu ikhale kuMotshekga ngezinkinga zaseKZN
WENEKELWE zonke izinkinga ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uNgqongqoshe weMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga, enekelwa yinyunyana yothisha iSadtu.
Le nyunyana yendlale zonke izinkinga ezithinta ukungakhokhelwa kothisha imihlomulo yokusebenza emakhaya, eyaziwa nge-rural allowance, ukungaqashwa kwabasebenzi abahlanza izikole, onogada nomabhalane nezinye izinkinga ezikhubaza ukusebenza komnyango.
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bafuna ukuthi kube nozinzo esifundazweni yingakho befune umhlangano noNkk Motshekga.
Uthe ezinye zezinto babeziphakamisile ohlwini lwezikhalazo abamnika zona ngoOkthoba nyakenye.
“Yilezi zinto nezinye esibona ukuthi kumele ihhovisi lakhe lizibheke ngokushesha. Simbekelile zonke izikhalazo esinazo kulo mhlangano njengoba kungaqashwa abantu abasiza othisha okubalwa onogada, abahlanza izikole nabanye abasebenzi. Siziphakamisile nezinye izinto okubalwa ukungaqashwa kothisha abaneziqu, kugxilwa kuphela kothisha abafundiswe umfundaze womnyango, izinkinga zabafundi abangenabo omazisi, ukuqashwa kwabameli abazimele ukuqondisa ubugwegwe kothisha,” kusho uNksz Caluza.
Uthe umnyango wesifundazwe uyehluleka ukuxazulula ezinye zezinto yingakho befuna uNkk Motshekga angenelele.
UNksz Caluza uthe bafuna ukusebenzisana nazo zonke izinyunyana ezisemkhandlwini obhunga ngezingxoxo zamaholo ukulwa nezinto ezingahambi kahle emnyangweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi iNatu yiyona eyaqala ukuhlangana noNkk Motshekga yambikela ngezinkinga zomnyango.
INatu ifuna uNkk Motshekga aphuce amandla umnyango wesifundazwe, ulawulwe ngumnyango kazwelonke, ngoba ithi uNgqongqoshe wawo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama, sebehlulekile ukuphatha umnyango ngenxa yezinkinga.
Le nyunyana nayo yabika izinkinga ezifanayo kuNkk Motshekga ezithinta nendaba yokuthi kuphenywe uhlelo lwamaqakelo oseludla uR109 million ngonyaka ekubeni lwaluhlelelwe ukuthi ludle uR60 million.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisisekelo, uMnuz Elijah Mhlanga, ukuqinisekisile ukuthi uNkk Motshekga uhlanganile neSadtu yambikela ngezinkinga.
Uthe neNatu yahlangana noNgqongqoshe ukuzwakalisa izikhalazo ngomnyango wesifundazwe.
UNkk Motshekga wajuba ithimba lokuqala ukubheka ukuthi izinto zihamba kanjani esifundazweni njengoba kwakunesikhalo sokuthi osonkontileka abakhokhelwa ngesikhathi, okunezinsolo zokuthi nemali ayikho.
UNkk Motshekga wethembisa ukuthi uzoyibheka eyokuthi afake umnyango ngaphansi kokulawulwa nguhulumeni kazwelonke wathi kuningi okusamele kwenziwe okubalwa nokukhuluma neKhabhinethi, kanjalo nomkhandlu wezifundazwe, ukuze aveze asekwenzile wehluleka, ngaphambi kokuba umnyango uphucwe amandla.