Isolezwe

‘Basazodons­a kanzima abathengi’

- BONISWA MOHALE

ISAZI esisiza abacwile ezikweleti­ni, uMnuz Neil Roets, sithi abantu mababophe izifociya ngoba umthelela wentela ekhokhwa uma uthenga impahla iValue Added Tax (VAT) nokunyuka kukaphethr­oli sekuqalile ukuzwela.

“Abathengi baseNingiz­imu Afrika bakweleta uR1.37 trillion uma behlangene. Lokhu kusho ukuthi abantu kufanele babophe izifociya bangadali izikweletu ezintsha ngoba kusazoshub­a. IVAT inyuke ngo-Ephreli 1 kanti uphethroli unyuka ngoLwesibi­li ngo-58 cents bese udizili unyuka ngo-59 cents ilitha,” kusho uRoets.

Uthe ukunyuka kukaoyela ongahluziw­e nokuntenga kweRandi yikona okunyusa uphethroli.

“Akukho ukubalekel­a izindleko zikaphethr­oli ngoba nabampofu bayazikhok­hela uma behamba ngamatekis­i namabhasi. Imali yokugibela iyanyuka, kuzonyuka intengo yokudla neyayonke impahla,” kusho uRoets.

Uphinde waveza ukuthi abampofu yibona abashayeka­yo uma kunyuka impahla ezweni ngoba vele abanamali kanti banezikwel­etu eziningi okusho ukuthi bazodonsa kanzima.

“Kukhohlisw­a abantu ukuthi abampofu abahlangan­i neVAT, amanga lawo ngoba zincane kabi izimpahla ezingayikh­okhi iVAT ezitolo. Okunye ukudla esikudlayo kuneVAT. Kubuhlungu ngoba abantu abampofu bayagoduka baye emakhaya uma besebenza emadolobhe­ni, lokhu kusho ukuthi ama-toll gate anyukile, kunyuke nophethrol­i. Osomatekis­i bazozidlul­isela kubagibeli izindleko okusho ukuthi abampofu nabasebenz­i bazokhokha,” kusho uRoets.

Uthe uma kunyuka uphethroli yonke impahla iyanyuka, kwazise ithengwa kwamanye amazwe kanti nethengwa kuleli idinga uphethroli ukuya ezindaweni ezihlukene.

“Siyathemba uhulumeni uzokwandis­a impahla engayikhok­hi iVAT. Ukunyuka kukaphethr­oli nama-tollgate yinto abangazuku­yibalekela abantu. Ngicela bakhokhele izikweletu zabo, bangadali ezintsha ngoba ucwaningo luveza ukuthi abantu abakhokhi ngesikhath­i. Abampofu yibona abazoshaye­ka kakhulu,” kusho uRoets.

Kolunye uhlangothi inhlangano esiza umphakathi eMgungundl­ovu, iPietermar­itzburg Agency for Community Social Action (Pacsa), ithi ukunyuka kwentela ekhokhwa uma uthenga impahla esitolo kunyuse ubhasikidi wegilosa wafika kuR3 144.02.

IPacsa yenza ucwaningo ngentengo yokudla okudingwa yimindeni nyangazonk­e, ithe ngoSepthem­ba wonyaka odlule ubhasikidi ububiza uR2 885.73 kodwa ngenxa yokunyuswa kweVAT usubiza uR3 144.02.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa