Isolezwe

Alusingath­we ngobunono udaba lwamathuna

-

SIKHOMBISA ukuzwelana nokucabang­ela abampofu isinqumo sikaMasipa­la weTheku sokubuyeke­za umgomo wawo olawula ukusetshen­ziswa kabusha kwethuna osekwangcw­atshwa kulona.

Ngenxa yenkinga yokugcwala kwamathuna kamasipala eThekwini, umkhandlu wabeka umgomo wokuthi amathuna osekudlule iminyaka engu-10 kwangcwats­hwa kuwo, angabuye asebenzise­ke.

Amanye amaphuzu akulo mgomo athi amathuna okungcwats­hwa kuwo okwesibili nokwesitha­thu angenawo amatshe nangakhokh­elwa imali yerenti enguR950.

Lo mgomo ubucindeze­la abantu abampofu abangenawo amandla okufaka amatshe emathuneni kanjalo nokuwakhok­hela irenti.

Yingakho siwuncoma umasipala ngokuthath­a isinqumo sokubuyeke­za lo mgomo ukucabange­la nokuzwelan­a nabangenam­andla.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngeledlule itshele iKhomishin­i yamaLungel­o, iNkolo namaSiko eMphakathi­ni ukuthi umasipala uhlela ukuwubuyek­eza umgomo.

Ixolisile ngokucinde­zeleka kwabampofu ngalo mgomo, yathi umasipala ubungaqond­ile ukubabandl­ulula.

Ikuvezile ukuthi sebeziqali­le nezinhlelo zokukhulum­a noMnyango wezokuBusa nokuBambis­ana KwaZulu-Natal ngokuthi kuchitshiy­elwe umgomo wokusetshe­nziswa kwethuna, osekuke kwangcwats­hwa kulo.

Indlela umasipala otshengisa ukulusinga­tha ngayo lolu daba siyayikhut­haza. IMeya yenze into ehlula osopolitik­i abaningi ukuvuma iphutha bese kubhekisis­wa lokho okungahamb­i kahle.

Ziningi izinto ezikhalisa abantu ngomasipal­a. Siyafisa ukuthi nazo zisingathw­e njengalo lolu daba lwamathuna, kuvunywe iphutha uma likhona bese kubhekwa isisombulu­lo.

Siyethemba nokuthi udaba lwamathuna luzosingat­hwa ngenhlonip­ho nangesizot­ha njengoba kuwudaba olubucayi oluthinta nenkolo namasiko.

Njengoba imeya ikuvezile nokuthi kukhona abangcwabe emhlabeni ongafanele futhi babazisiwe ngalokhu, nalapha sethemba ukuthi umkhandlu nezakhamiz­i bazobambis­ana bahlonipha­ne, uhlelo lokususwa kwamathuna lube nesizotha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa