Abasakazi bebhola oKhozini abayeke ukugxibha abadlali
MHLELI: Mangibonge Ukhozi FM ngokusithatha lusibeke ngezemidlalo. Lo msakazo wenza kube lula ukwazi ukuthi kwenzekani kwezemidlalo ikakhulukazi ebholeni likanobhutshuzwayo.
Nokho-ke akukho soka lingenasici, kungakho ngiveza ilaka lami ngengikubona kungekuhle kubasakazi abasithulela imidlalo yebhola.
Kunomkhuba omumbi abawenzayo wokuthi uma besakaza umdlalo abasakazi bachithe isikhathi esiningi begxeka izinqumo ezithathwa abadlali emdlalweni.
Angiphathi khona uma kudlala elinye lamaqembu okuthiwa makhulu; bagada ngisho ukunyathela komdlali walelo qembu. Uma eke waphazama umtanomuntu sebeyonamathela kuyena kuyoze kuyophela umdlalo.
Angisayiphathi eyabagadli; umgadli bamnameka amabala kuze kulamule ukuthi athole igoli. Kwala noma eselishayile igoli bazosibelesela ngamabhola amhlulile umdlali.
Abaphathi bezemidlalo kulo msakazo kumele bake bayibheke le ndaba. Le nto abayenzayo, yokuchitha isikhathi eside begxeka abadlali, inomthelela omubi nakubalandeli imbala. Abalandeli bagcina sebezonda abadlali ngenxa yendlela abasakazi ababaveza ngayo.
Kumele bakhumbule abasakazi bebhola kulo msakazo ukuthi ibhola likanobhutshuzwayo alifani nelomnqakiswano, lapho khona inethi ikhala umdlalo uqala uze uyophela. Ebholeni lezinyawo kuwumsebenzi onzima ukukhalisa inethi. Mabangenzi sengathi kuyicala ukuguqa noma ukulingana kweqembu elithathwa njengelikhulu.
Ngicela abasakazi basethulele umdlalo ngaphandle kokubheka ubukhulu nobuncane beqembu, njengabasakazi bakudala balo msakazo. Laba basakazi babekuthatha bakubeke ngamehlo engqondo enkundleni bencoma futhi okuhle. Abasakazi bakudala babeze babethe amagama abadlali, bababize ngawo uma besethulela imidlalo.
Ngiyakhala ngabasakazi bebhola banamuhla. Ngisho umdlali ethathelwe ibhola onyaweni, bayomgxeka kuyoze kuphele umdlalo, esikhundleni sokuthi bancome lo mdlali osuke ephuce omunye ibhola, ngoba phela ukumaka ibhola kuwumsebenzi onzima.
Ababe besamnaka lo owenze okuhle wamaka ibhola kunalokho banamathela kulona ophuciwe ibhola. Laba basakazi engikhuluma ngabo sebejaha kakhulu umphumela womdlalo, lokho okwenza begcine sebehluleka ukusibikela ngobumnandi bomdlalo abasuke bewusakaza. Akekho ongazi ukuthi ebholeni kunemiphumela emithathu; ukunqoba, ukudlala ngokulingana kanjalo nokuguqa. Yonke le miphumela yemukelekile njengoba namaqembu engena enkundleni nabadlali abalinganayo. Alikho iqembu okumele lifakelwe ingcindezi abasakazi ngenxa yokuthi lithathwa njengelikhulu.
Basakazi boKhozi, ngicela nisethulele imidlalo ngobunjalo bayo, yekani ukuhlala emaphutheni abadlali. Izingane ezincane ezingakalilandeli ibhola zizolilandela kanjani uma nigxeka abadlali kangaka? Ibhola limnandi kanjalo nemiphumela yalo imnandi. Phezani ukwakha isithombe esimbi ngabadlali. Esikhathini sakudala bekuba mnandi khona lokho ukuthi iqembu lakho liphucwe iqatha emlonyeni okanye liphunyukwe yisicoco, kanti esikhathini samanje abasakazi sebenza sengathi kuyimpoqo ukuthi iqembu lithathe isicoco. Uma ungabala amaqembu kanjalo nezicoco ezidlalelwayo unyaka nonyaka uzobona ukuthi akusoze kwenzeka ukuthi wonke amaqembu athole izicoco ngenxa yobuncane bemiqhubelwano.
Kudala bekumnandi kona lokho sisajabulela esekuzwa emsakazweni ukuthi abadlali bakhahlela isikhumba. Sengiphetha, ngicela uncoma ubaba uThanda Ndlovu ngithi iNdlovu isendlini. Bese ngivale ngobaba uNtshosho uMazweni noJoe Hudla. Ukuba kuya ngami ngabe yonke imidlalo Okhozini isakazwa yila madoda kuphela ngoba asayimbambe kahle kwezokusakaza. Angazi kuyoba njani mhla kwahamba la madoda kulo msakazo, siyobe sife olwembiza. Nathi Cele kwa Dumisa EMZINTO KWADAYENI