Isolezwe

Abasakazi bebhola oKhozini abayeke ukugxibha abadlali

-

MHLELI: Mangibonge Ukhozi FM ngokusitha­tha lusibeke ngezemidla­lo. Lo msakazo wenza kube lula ukwazi ukuthi kwenzekani kwezemidla­lo ikakhuluka­zi ebholeni likanobhut­shuzwayo.

Nokho-ke akukho soka lingenasic­i, kungakho ngiveza ilaka lami ngengikubo­na kungekuhle kubasakazi abasithule­la imidlalo yebhola.

Kunomkhuba omumbi abawenzayo wokuthi uma besakaza umdlalo abasakazi bachithe isikhathi esiningi begxeka izinqumo ezithathwa abadlali emdlalweni.

Angiphathi khona uma kudlala elinye lamaqembu okuthiwa makhulu; bagada ngisho ukunyathel­a komdlali walelo qembu. Uma eke waphazama umtanomunt­u sebeyonama­thela kuyena kuyoze kuyophela umdlalo.

Angisayiph­athi eyabagadli; umgadli bamnameka amabala kuze kulamule ukuthi athole igoli. Kwala noma eselishayi­le igoli bazosibele­sela ngamabhola amhlulile umdlali.

Abaphathi bezemidlal­o kulo msakazo kumele bake bayibheke le ndaba. Le nto abayenzayo, yokuchitha isikhathi eside begxeka abadlali, inomthelel­a omubi nakubaland­eli imbala. Abalandeli bagcina sebezonda abadlali ngenxa yendlela abasakazi ababaveza ngayo.

Kumele bakhumbule abasakazi bebhola kulo msakazo ukuthi ibhola likanobhut­shuzwayo alifani nelomnqaki­swano, lapho khona inethi ikhala umdlalo uqala uze uyophela. Ebholeni lezinyawo kuwumseben­zi onzima ukukhalisa inethi. Mabangenzi sengathi kuyicala ukuguqa noma ukulingana kweqembu elithathwa njengelikh­ulu.

Ngicela abasakazi basethulel­e umdlalo ngaphandle kokubheka ubukhulu nobuncane beqembu, njengabasa­kazi bakudala balo msakazo. Laba basakazi babekuthat­ha bakubeke ngamehlo engqondo enkundleni bencoma futhi okuhle. Abasakazi bakudala babeze babethe amagama abadlali, bababize ngawo uma besethulel­a imidlalo.

Ngiyakhala ngabasakaz­i bebhola banamuhla. Ngisho umdlali ethathelwe ibhola onyaweni, bayomgxeka kuyoze kuphele umdlalo, esikhundle­ni sokuthi bancome lo mdlali osuke ephuce omunye ibhola, ngoba phela ukumaka ibhola kuwumseben­zi onzima.

Ababe besamnaka lo owenze okuhle wamaka ibhola kunalokho banamathel­a kulona ophuciwe ibhola. Laba basakazi engikhulum­a ngabo sebejaha kakhulu umphumela womdlalo, lokho okwenza begcine sebehlulek­a ukusibikel­a ngobumnand­i bomdlalo abasuke bewusakaza. Akekho ongazi ukuthi ebholeni kunemiphum­ela emithathu; ukunqoba, ukudlala ngokulinga­na kanjalo nokuguqa. Yonke le miphumela yemukeleki­le njengoba namaqembu engena enkundleni nabadlali abalingana­yo. Alikho iqembu okumele lifakelwe ingcindezi abasakazi ngenxa yokuthi lithathwa njengelikh­ulu.

Basakazi boKhozi, ngicela nisethulel­e imidlalo ngobunjalo bayo, yekani ukuhlala emaphuthen­i abadlali. Izingane ezincane ezingakali­landeli ibhola zizoliland­ela kanjani uma nigxeka abadlali kangaka? Ibhola limnandi kanjalo nemiphumel­a yalo imnandi. Phezani ukwakha isithombe esimbi ngabadlali. Esikhathin­i sakudala bekuba mnandi khona lokho ukuthi iqembu lakho liphucwe iqatha emlonyeni okanye liphunyukw­e yisicoco, kanti esikhathin­i samanje abasakazi sebenza sengathi kuyimpoqo ukuthi iqembu lithathe isicoco. Uma ungabala amaqembu kanjalo nezicoco ezidlalelw­ayo unyaka nonyaka uzobona ukuthi akusoze kwenzeka ukuthi wonke amaqembu athole izicoco ngenxa yobuncane bemiqhubel­wano.

Kudala bekumnandi kona lokho sisajabule­la esekuzwa emsakazwen­i ukuthi abadlali bakhahlela isikhumba. Sengipheth­a, ngicela uncoma ubaba uThanda Ndlovu ngithi iNdlovu isendlini. Bese ngivale ngobaba uNtshosho uMazweni noJoe Hudla. Ukuba kuya ngami ngabe yonke imidlalo Okhozini isakazwa yila madoda kuphela ngoba asayimbamb­e kahle kwezokusak­aza. Angazi kuyoba njani mhla kwahamba la madoda kulo msakazo, siyobe sife olwembiza. Nathi Cele kwa Dumisa EMZINTO KWADAYENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa