Isolezwe

Inkohlakal­o kubaphenyi benkohlaka­lo

-

MHLELI: Ngisukunyi­swa yinkohlaka­lo engiyibona ophikweni lwezoBuqot­ho nokuPhenya iNkohlakal­o (City Integrity and Investigat­ions Unit) kuMasipala weTheku.

Esikhundle­ni sokuthi iphenywe inkohlakal­o, iqhutshelw­a phambili. Okuqeda amandla wukuthi lokhu kwenziwa ngabaphath­i. Indaba yonakala kakhulu ekuqasheni abasebenzi njengoba kulandwa izintombi, yizihlobo nabangani. Abantu abasanda kuqashwa kulolu phiko bavela eMnyangwen­i kaMngcinim­afa KwaZulu-Natal nasebhange Ithala ngoba abaphathi bebesebenz­a khona. Ayikho into ephambene nomthetho uma umphathi azi abantu abazi umsebenzi bese eyabaqasha ngokwamaga­lelo abo. Kodwa akulungile uma sekuzobuth­wa wonke umuntu ngoba azana nomphathi.

Abanye abaqashiwe abanazo iziqu zokwenza imisebenzi abayiqashe­lwe - okuyinto ephambene nezimiso zomgcinima­fa. Kwezobuchw­epheshe (ITC) kunomuntu onesikhund­la ongenamava alo msebenzi, akakwazi ngisho ukuthumela i-email. Isikhulu esikwaadmi­nistration kasazi lutho ngomsebenz­i esiwuqashe­lwe ngoba besiwu-teller ebhange. Asinazicuc­u zolo msebenzi. Okubuhlung­u wukuthi kucindezel­wa abawaziyo umsebenzi. Abasebenzi bayazikhan­dla bephenya inkohlakal­o kodwa abaphathi balahle imibiko yabo. Imibiko ngamacala athinta abazana nabo ifakwa emgqonyeni kadoti. Kwenzeka konke lokhu nje, bakhona abaholi abajutshwe wumphakath­i ngamavoti ukuba babe yiso lawo kodwa bayazibuke­la nje. Ujike ungabe usazi noma kwabona abaphathi bahlangene nabo abaholi kuxhashazw­a imali nezinsizak­usebenza zomphakath­i.

Ngiyacela abaholi abasenonem­beza nezintathe­li bayibhekis­ise le nto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa