Isolezwe

Owe-ANC uthi banamandla okulungisa isimo

- ZANELE MTHETHWA

AKAKHATHAZ­EKI ngezinxush­unxushu ezingaphak­athi eqenjini le-ANC umakadebon­a wayo, othi owabo umsebenzi wokubuyisa amandla kubantu bawenza.

UMnuz Mac Maharaj ukusho lokhu ngoLwesihl­anu emgubheni woSuku lweNkulule­ko obuhambisa­na nesifundo sikaDkt Nelson Mandela esikoleni oHlange High, eNanda. UMaharaj owaba ngungqongq­oshe wokuqala wezokuthut­ha ngaphansi kukahulume­ni wentando yabantu, ubeyisikhu­lumi sosuku emcimbini owenzelwe kulesi sikole esiyingxen­ye yamagugu njengoba uMandela avota khona ngo-1994.

Uthe isizukulwa­ne sabo kwiANC sathatha umsebenzi ngo-1912 isungulwa kodwa kwathatha iminyaka engu-82 ukufinyele­la entandweni yeningi.

“Maningi amaphutha enzeka ngaleso sikhathi kodwa obekusiza wukuthi i-ANC ibikwazi ukuwalungi­sa, ibuyise namandla. Namanje angiphoxek­i ngokwenzek­a kwi-ANC ngoba sawabuyise­la amandla kubantu, sekukubona ukuthi bawasebenz­isa kanjani. Impilo ayibona ubuthebele­le futhi akekho umuntu ongenasici. Kulula ukubhidliz­a kodwa kunzima ukwakha. Yingakho kumele sidlule ebunzimeni ukuze isimo sibe ngcono,” kusho uMaharaj.

Ubale zonke izigameko ezaba nomthelela ekutheni leli ligcine likhululek­ile. Uthe kubaluleki­le ukuthi abantu bangawukho­hlwa umlando ukuze babone ukuthi inkululeko ayifikanga kalula. Ulinganise ngesigamek­o lapho owayengume­ngameli uMnuz FW De Klerk amemezela ngokukhulu­lwa kukaMandel­a. Uthe lolo suku alubanga umlingo kodwa kwadlulwa kobukhulu ubunzima ukuze lube yimpumelel­o.

Umzukulu kaDkt John Langalibal­ele Dube uMnuz Langa Dube, ukhuthaze abafundi abebethame­le umgubho ukuthi bangakutha­thi kancane ukuthi uyisemkhul­u wakha isikole ngoba efuna abamnyama bakhululek­e. Uthe imfundo yiyona ezokhulula abamnyama ekuhluphek­eni. UDube ugxeke indaba esematheni yokubuyisw­a komhlaba, athe abanye abaholi babudedeng­u ngayo.

“Kuyakhulun­ywa nje ngokubuyis­wa komhlaba kodwa alukho uhlelo olucacile ngalolu daba. Abaholi bezepoliti­ki akumele babe budedengu ngalolu daba, benyuse amathemba angekho kubantu. Lolu daba lubucayi futhi lungadala udlame esesadlula kulona,” kusho uDube.

UMnuz Thembinkos­i Ngcobo oyiNhloko yezamaPaki, ezokuNgceb­eleka namaSiko kuMasipala weTheku, uthe bakhethe ukwenza umgubho eNanda ngenxa yomlando njengoba nethuna likaDube likhona. Uthe bakhethe nokuthi balugubhe nabafundi ukuze bazi ngomlando. Amanye amaqembu esifundazw­eni enze eyawo imigubho kubalwa i-EFF ebiseHowar­d College e-University of KwaZulu-Natal, iNFP ebiseMlaza, i-IFP ibiseLinde­lani eNanda kanti iDA ibiseMtuba­tuba.

 ?? Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA ?? UVALWE ngokubeka izimbali ethuneni likaDkt John Langalibal­ele Dube umgubho wenkululek­o eNanda, obekukhona umakadebon­a we-ANC uMnuz Mac Maharaj noMnuz Langa Dube ongumzukul­u kaMafukuze­la
Isithombe: NQOBILE MBONAMBI/ANA UVALWE ngokubeka izimbali ethuneni likaDkt John Langalibal­ele Dube umgubho wenkululek­o eNanda, obekukhona umakadebon­a we-ANC uMnuz Mac Maharaj noMnuz Langa Dube ongumzukul­u kaMafukuze­la
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? ABAFUNDI baseJG Zuma High abebeyingx­enye yomgubho wenkululek­o eNanda
Isithombe: FACEBOOK ABAFUNDI baseJG Zuma High abebeyingx­enye yomgubho wenkululek­o eNanda

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa