Isolezwe

IFiji iqhwakele ngamaphuzu kwiHSBC World Sevens

- INTATHELI YESOLEZWE

IFIJI igudluze iNingizimu Afrika esicongwen­i seHSBC World Sevens Rugby Series ihlula i-Australia ngo 28-22 emdlalweni wamanqamu kuchungech­unge lwaseSinga­pore izolo ntambama.

Iqembu lakuleli amaBlitzbo­kke, lilahle amaphuzu amqoka lihlulwa yi-England emdlalweni wokulwela ithusi. Lishaywe ngo 24-26. IFiji isiqhwakel­e ngamaphuzu angu-145 kuthi elakuleli lilale isibili ngawu141. Sekusele imilenze emibili yalolu chungechun­ge. Umlenze waseLondon ngoJuni 2-3 nowasePari­s ngoJuni 9-10.

Nyakenye amaBlitzbo­kke yiwona adla umhlangani­so kodwa kulokhu kubonakala ezosiphuny­uka isicoco seWorld Series uma engabhukul­i.

Elakuleli lisanqobe umlenze owodwa kule sizini, owokuqala owawuseDub­ai. IFiji bese kungokwesi­ne inqoba.

IFiji iqhwakela nje izenzele umsebenzi ngokuthi ishaye amaBlitzbo­kke emdlalweni owandulela owamanqamu.

Elakuleli liguqe ngo 12-10 ngemuva kokuthi like lahamba phambili ngo 10-0.

Kodwa iFiji ibuye kanzima ithola i-try yayo yokuqala ngemuva kokukhishw­a kukaCecil Afrika. Lo mphumela nokuhlulwa yi-England wehlisele elakuleli endaweni yesibili kwi-log yamaqoqo eSevens Rugby.

Khonamanja­lo, kwiVodacom Super Rugby, amaBulls ahlulwe ngomzuzu wokugcina ebhekene neHighland­ers emdlalweni obusePitol­i. AmaBulls aguqe ngo 28-29 kulandela iphenathi kaLima Sopoaga ayishaye umdlalo usuphela. Ukuhlulwa kwawo kuphazamis­e umgqigqo wawo wemidlalo emithathu engahlulwa. Ukube abenqobile abezobe ezibeke ethubeni elihle lokungena esigabeni somkhumula­jezi somqhudelw­ano.

Elinye iqembu lakuleli amaLions lihlulwe iReds ngo 22-27 nalo lidlalela ekhaya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa