Uphikisa isigwebo asitholile owesibhakela
UMPETHA weSA middleweight, uBarend van Rooyen, uphikisa isigwebo senhlangano ebhekele ukusetshenziswa kwezidakamizwa kwezemidlalo, iSA Institute for Drug-Free Sport (SAIDS), sokuthi angazihlanganisi nesibhakela iminyaka emibili emuva kokutholakala kwesikhuthazi emchameni wakhe.
Emchameni kaVan Rooyen kutholwe isikhuthazi i-hydrochlorothiazide ne-chlorothiazide emuva kwempi awine kuyona ibhande lakuleli ebelingaphethwe muntu ebhekene noYanga Phethani ngoDisemba 12. Unikwe ithuba lokuphikisana nesinqumo. Isikhulu seBoxing South Africa (BSA) uCindy Nkomo sikuqinisekisile ukuthi uVan Rooyen ulisebenzisile ilungelo lakhe lokuphikisana nesinqumo seSAIDS ngesikhathi abenqunyelwe sona okuyizinsuku ezingu-21.
“UVan Rooyen ufake isicelo sokuphikisa isinqumo seSAIDS njengoba kuyilungelo lakhe ukwenza lokho. Okwamanje usamisiwe esibhakeleni. Usuku lwakhe lokugcina lokuphikisa isinqumo belungomhla ka-19. Ukwenzile lokho ngosuku lokugcina,” kusho uNkomo.
Kwenzeka lokhu nje, kuleli sonto kuvele ukuthi umpetha weSA heavyweight, uRuann Visser, ubhekene nesimo esifanayo. Kutholakale emchameni wakhe izikhuthazi ezingamukelekile kwezemidlalo i-OH-stanozolol-glucunoride, Exogenous Anabolic Androgenic Steroid neStanazolol ku-sample A. Umisiwe ekuzihlanganiseni nesibhakela kuwona wonke amazinga kusukela ngo-Ephreli 16. Uzovela ekomitini leSAIDS athole nelungelo lokufuna kuhlolwe u-sample B. Uhlolwe emuva kokuhlula obengumpetha u-Osborne “Big Daddy” Machimana empini ebise-Emerald Casino, eVanderbijlpark, eGauteng ngoFebhuwari 23. NjengoVan Rooyen, uma etholakala enecala uVisser uzophucwa ibhande leSA heavyweight.
“Sizolinda umphumela wokuvela kukaVisser esigungwini. Uma efuna ukuphikisa isinqumo sizolinda ngoba yilungelo lakhe,” kusho uNkomo.