UMosimane uphumela obala ngolukaJali
UPITSO Mosimane uvule isifuba ngo-Andile Jali okhonjwa kwiMamelodi Sundowns engompetha be-Absa Premiership.
UJali usanda kuhlukana ne-KV Oostende yaseBelgium abegijima kuyona. Useke waphumela obala ngothando lokubuyela eNingizimu Afrika.
Leli phephandaba selibike kaningi ngodaba lukaJali neSundowns. UMosimane uzwakale emqondomibili ngokusayinisa uJali.
“Siyamthanda ungumdlali oseqophelweni eliphezulu. Nokho uma usayinisa umdlali ziningi izinto okumele uzibheke.Senze inqwaba yamaphutha kwiSundowns eminyakeni eyedlule. Sasayinisa uPaterson (Matthew) noSibusiso Zuma ababebuya e-Europe kodwa angisho ukuthi abazange babenalo igalelo kwiSundowns. Kumele ubheke uhlobo lwabadlali oluletha eqenjini. Phakathi kwezinto okumele uzibuze zona wukuthi ngabe uyathanda ukusidlalela noma usehambisa isikhathi okanye uzikhumbulela ekhaya,” kusho uMosimane.
UJali washiya kwi-Orlando Pirates ngo-2014 eyodlala phesheya kwezilwandle.
“Ngiyazifela ngo-Andile, kwiBafana ngangimbiza. Usezingeni eliphezulu. Uyalwa enkundleni. Nokho uma usayinisa umdlali ubheka izinto eziningi. Kumqoka ukuthi ngenze isiqiniseko sokuthi kuba nokuthula eqenjini. Nginabadlali abancane. Iqembu alinawo umsindo njengamanje. UPercy (Tau) uphansi, uSugar (Tiyani Mabunda) uphansi, uKekana uphansi, uVilla (Sibusiso) uphansi, uLanger (Tebogo Langerman) uphansi noMorena (Thapelo) uphansi. Ngiyethemba ukuthi niyabona ukuthi ngibheke kuphi. Iqembu linokuthula. Siwenzile amaphutha phambilini. Bekunokuxokozela eqenjini okuyinto eletha izinkinga. Uma sikhuluma ngekhono ngicabanga ukuthi u-Andile angasidlalela,” kusho uMosimane.
Indawo edlalwa nguJali ibangwa nguHlompo Kekana, Tiyani Mabunda, Asavela Mbekile, Oupa Manyisa noLucky Mohomi kwiSundowns njengamanje.