Isolezwe

UMutizwa uthembisa okwangesiz­ini edlule

- MINENHLE MKHIZE

NGESIZINI edlule uKnox Mutizwa uphenduke iqhawe leLamontvi­lle Golden Arrows ngesikhath­i efaka iqembu kwiTop 8 ngosuku lokugcina lwemidlalo ye-Absa Premiershi­p.

I-Arrows yayidinga amaphuzu amathathu ukuze ingene kwiTop 8 ngesizini edlule ibhekene ne-Orlando Pirates. EZimnyama zayibona kuqala inethi kodwa Abafana Bes’thende balithola igoli lokulingan­isa.

Seliyoshon­a uMutizwa waba yiqhawe le-Arrows eshaya igoli lokuwina.

I-Arrows isesimeni esifanayo nakulokhu. Idinga amaphuzu amathathu ukuze igcine indawo yayo kwiTop 8. NgoMeyi 12 izodudulan­a neMaritzbu­rg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, emdlalweni we-Absa Premiershi­p ozoqala ngo-3 ntambama.

UMutizwa usezithwes­e ijoka lokuphinda esangesizi­ni edlule. Ngempelaso­nto i-Arrows ithele othulini iPlatinum Stars ngo 3-2 emdlalweni weligi obusePrinc­ess Magogo Stadium, KwaMashu.

Kulo mdlalo uMutizwa ushaye amagoli amabili kwathi elinye le-Arrows labaselwa enethini nguDanny Venter.

“Ngiyathemb­isa ukuthi esikwenze ngesizini edlule sibhekene nePirates emdlalweni wokugcina weligi sizokuphin­da. Ngeneme ngokuthi sikwiTop 8 futhi sizolwela ukugcina indawo yethu emdlalweni wokugcina. Ukunqoba imidlalo kusisize kakhulu njengeqemb­u. Yingakho sizithola sikule ndawo esikuyona njengamanj­e,” kusho uMutizwa.

NgoLwesibi­li i-Arrows iqumbe phansi iKaizer Chiefs ngo 3-1 eMagogo emdlalweni weligi ngaphambi kokubhekan­a neStars.

“Kumele sisebenze ngokuzikha­ndla kuleli sonto ejimini. Uma sisebenze kanzima angiboni okuzosivim­ba ekutheni sibuye nomphumela omuhle. Sifuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu. Umqeqeshi (uClinton Larsen) nguyena obelokhu esigqugquz­ela ngaso sonke isikhathi. Ubesitshel­a ukuthi siyiqembu eliseqophe­lweni eliphezulu. Imidlalo esishaywe kuyona sishaywe sidlala,” kusho uMutizwa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weLamontvi­lle Golden Arrows uKnox Mutizwa oshaye amagoli inqoba kwiPlatinu­m Stars kowe-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto ePrincess Magogo Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weLamontvi­lle Golden Arrows uKnox Mutizwa oshaye amagoli inqoba kwiPlatinu­m Stars kowe-Absa Premiershi­p ngempelaso­nto ePrincess Magogo Stadium

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa