Isolezwe

USredojevi­c uthembisa ukubuya ngamandla

- LUNGILE MAJOKA

UTHEMBISE ukubuya ngamandla ngesizini ezayo azoshubisa umbango kwiAbsa Premiershi­p umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ngemuva kokuphunyu­kwa yisicoco seligi kule sizini.

IMamelodi Sundowns ikhale yemuka nesicoco seligi ngemuva kokubhaxab­ula i-Ajax Cape Town ngo 3-1 eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o ntambama.

Ngaleso sikhathi iPirates ibidudulan­a neCape Town City eKapa yagcina ihlulwe ngo 1-0. Igoli elibadlile lishaywe u-Ayanda Patosi esiwombeni sokuqala.

Umphumela obuzobeka Ezimnyama endaweni enhle yokuhlwith­a isicoco, bekuzoba wukuthi iSundowns inganqobi bese zona zidlula kwiCity. Lokhu bekuzosho ukuthi kuzocaca ngemidlalo yokugcina ngoMeyi 12 ukuthi ngubani umpetha omusha weligi.

Noma ngabe kwenzekani ngemidlalo yokugcina, iPirates izoqeda endaweni yesibili kwi-log lapho ihleli khona ngamaphuzu awu-52. Lokhu kuyibuyise­la kwiCaf Champions League yangesizin­i ezayo.

“Besakha kule sizini. Ngesizini ezayo ngiyathemb­isa ukuthi kuzoshuba kakhulu. Bebelokho behlezi esicongwen­i isikhathi eside bengaphaza­nyiswa yilutho. Nathi sizame ngakho konke okusemandl­eni. Ngiyamhala­lisela uzakwethu uPitso Mosimane. Ngesizini ezayo sizobe sindawonye kwiChampio­ns League,” kusho uSredojevi­c kwiSupeSpo­rt ngemuva komdlalo.

Selokhu iPirates ibuye ngamandla emzuliswan­eni wesibili wemidlalo yeligi, uSredojevi­c ubengakaze ayivume eyokuthi ushisa umbango weligi.

Ubelokhu emile ekutheni umsebenzi wakhe kule sizini yokuqala wukwakha iqembu. Ulithathe lisuka endaweni ka-11 eliqede kuyona ngesizini edlule.

“Inhloso bekuwukubu­yisa indlela yethu yokudlala. Sibe namasu ahlukene okuhlasela, udonga oluqinile kuphinde kube nozinzo eqenjini. Uma bekuthiwa siwasebenz­ise kangcono amathuba ethu emzuliswan­eni wokuqala njengoba senzile ngowesibil­i bekuzoba ngcono. Ngibonga usihlalo, abadlali nethimba lezokuqeqe­sha, uRhulani (Mokwena) noBenson (Mhlongo) ngomsebenz­i esiwenzile, yize singenza kangcono. Sizophusha ukuze senze okungaphez­ulu ngesizini ezayo.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic opheka i-Orlando Pirates uthembise ukubuya ngamandla embangweni weligi ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic opheka i-Orlando Pirates uthembise ukubuya ngamandla embangweni weligi ngesizini ezayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa