IFiji iqhwakele ngamaphuzu kwiHSBC World Sevens
IFIJI igudluze iNingizimu Afrika esicongweni seHSBC World Sevens Rugby Series ihlula i-Australia ngo 28-22 emdlalweni wamanqamu kuchungechunge lwaseSingapore izolo ntambama.
Iqembu lakuleli amaBlitzbokke, lilahle amaphuzu amqoka lihlulwa yi-England emdlalweni wokulwela ithusi. Lishaywe ngo 24-26. IFiji isiqhwakele ngamaphuzu angu-145 kuthi elakuleli lilale isibili ngawu141. Sekusele imilenze emibili yalolu chungechunge. Umlenze waseLondon ngoJuni 2-3 nowaseParis ngoJuni 9-10.
Nyakenye amaBlitzbokke yiwona adla umhlanganiso kodwa kulokhu kubonakala ezosiphunyuka isicoco seWorld Series uma engabhukuli.
Elakuleli lisanqobe umlenze owodwa kule sizini, owokuqala owawuseDubai. IFiji bese kungokwesine inqoba.
IFiji iqhwakela nje izenzele umsebenzi ngokuthi ishaye amaBlitzbokke emdlalweni owandulela owamanqamu.
Elakuleli liguqe ngo 12-10 ngemuva kokuthi like lahamba phambili ngo 10-0.
Kodwa iFiji ibuye kanzima ithola i-try yayo yokuqala ngemuva kokukhishwa kukaCecil Afrika. Lo mphumela nokuhlulwa yi-England wehlisele elakuleli endaweni yesibili kwi-log yamaqoqo eSevens Rugby.
Khonamanjalo, kwiVodacom Super Rugby, amaBulls ahlulwe ngomzuzu wokugcina ebhekene neHighlanders emdlalweni obusePitoli. AmaBulls aguqe ngo 28-29 kulandela iphenathi kaLima Sopoaga ayishaye umdlalo usuphela. Ukuhlulwa kwawo kuphazamise umgqigqo wawo wemidlalo emithathu engahlulwa. Ukube abenqobile abezobe ezibeke ethubeni elihle lokungena esigabeni somkhumulajezi somqhudelwano.
Elinye iqembu lakuleli amaLions lihlulwe iReds ngo 22-27 nalo lidlalela ekhaya.