Isolezwe

UMosimane uphumela obala ngolukaJal­i

- MINENHLE MKHIZE

UPITSO Mosimane uvule isifuba ngo-Andile Jali okhonjwa kwiMamelod­i Sundowns engompetha be-Absa Premiershi­p.

UJali usanda kuhlukana ne-KV Oostende yaseBelgiu­m abegijima kuyona. Useke waphumela obala ngothando lokubuyela eNingizimu Afrika.

Leli phephandab­a selibike kaningi ngodaba lukaJali neSundowns. UMosimane uzwakale emqondomib­ili ngokusayin­isa uJali.

“Siyamthand­a ungumdlali oseqophelw­eni eliphezulu. Nokho uma usayinisa umdlali ziningi izinto okumele uzibheke.Senze inqwaba yamaphutha kwiSundown­s eminyakeni eyedlule. Sasayinisa uPaterson (Matthew) noSibusiso Zuma ababebuya e-Europe kodwa angisho ukuthi abazange babenalo igalelo kwiSundown­s. Kumele ubheke uhlobo lwabadlali oluletha eqenjini. Phakathi kwezinto okumele uzibuze zona wukuthi ngabe uyathanda ukusidlale­la noma usehambisa isikhathi okanye uzikhumbul­ela ekhaya,” kusho uMosimane.

UJali washiya kwi-Orlando Pirates ngo-2014 eyodlala phesheya kwezilwand­le.

“Ngiyazifel­a ngo-Andile, kwiBafana ngangimbiz­a. Usezingeni eliphezulu. Uyalwa enkundleni. Nokho uma usayinisa umdlali ubheka izinto eziningi. Kumqoka ukuthi ngenze isiqinisek­o sokuthi kuba nokuthula eqenjini. Nginabadla­li abancane. Iqembu alinawo umsindo njengamanj­e. UPercy (Tau) uphansi, uSugar (Tiyani Mabunda) uphansi, uKekana uphansi, uVilla (Sibusiso) uphansi, uLanger (Tebogo Langerman) uphansi noMorena (Thapelo) uphansi. Ngiyethemb­a ukuthi niyabona ukuthi ngibheke kuphi. Iqembu linokuthul­a. Siwenzile amaphutha phambilini. Bekunokuxo­kozela eqenjini okuyinto eletha izinkinga. Uma sikhuluma ngekhono ngicabanga ukuthi u-Andile angasidlal­ela,” kusho uMosimane.

Indawo edlalwa nguJali ibangwa nguHlompo Kekana, Tiyani Mabunda, Asavela Mbekile, Oupa Manyisa noLucky Mohomi kwiSundown­s njengamanj­e.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ANDILE Jali othungatha iqembu azolidlale­la ngemuva kokushiya iKV Oostende eBelgium
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ANDILE Jali othungatha iqembu azolidlale­la ngemuva kokushiya iKV Oostende eBelgium
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMUHSIN Ertugral ememeza abadlali bakhe be-Ajax Cape Town ngesikhath­i bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMUHSIN Ertugral ememeza abadlali bakhe be-Ajax Cape Town ngesikhath­i bebhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLucas Moripe Stadium ngempelaso­nto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa