UMutizwa uthembisa okwangesizini edlule
NGESIZINI edlule uKnox Mutizwa uphenduke iqhawe leLamontville Golden Arrows ngesikhathi efaka iqembu kwiTop 8 ngosuku lokugcina lwemidlalo ye-Absa Premiership.
I-Arrows yayidinga amaphuzu amathathu ukuze ingene kwiTop 8 ngesizini edlule ibhekene ne-Orlando Pirates. EZimnyama zayibona kuqala inethi kodwa Abafana Bes’thende balithola igoli lokulinganisa.
Seliyoshona uMutizwa waba yiqhawe le-Arrows eshaya igoli lokuwina.
I-Arrows isesimeni esifanayo nakulokhu. Idinga amaphuzu amathathu ukuze igcine indawo yayo kwiTop 8. NgoMeyi 12 izodudulana neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, emdlalweni we-Absa Premiership ozoqala ngo-3 ntambama.
UMutizwa usezithwese ijoka lokuphinda esangesizini edlule. Ngempelasonto i-Arrows ithele othulini iPlatinum Stars ngo 3-2 emdlalweni weligi obusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Kulo mdlalo uMutizwa ushaye amagoli amabili kwathi elinye le-Arrows labaselwa enethini nguDanny Venter.
“Ngiyathembisa ukuthi esikwenze ngesizini edlule sibhekene nePirates emdlalweni wokugcina weligi sizokuphinda. Ngeneme ngokuthi sikwiTop 8 futhi sizolwela ukugcina indawo yethu emdlalweni wokugcina. Ukunqoba imidlalo kusisize kakhulu njengeqembu. Yingakho sizithola sikule ndawo esikuyona njengamanje,” kusho uMutizwa.
NgoLwesibili i-Arrows iqumbe phansi iKaizer Chiefs ngo 3-1 eMagogo emdlalweni weligi ngaphambi kokubhekana neStars.
“Kumele sisebenze ngokuzikhandla kuleli sonto ejimini. Uma sisebenze kanzima angiboni okuzosivimba ekutheni sibuye nomphumela omuhle. Sifuna ukuvala isizini ngenothi eliphezulu. Umqeqeshi (uClinton Larsen) nguyena obelokhu esigqugquzela ngaso sonke isikhathi. Ubesitshela ukuthi siyiqembu eliseqophelweni eliphezulu. Imidlalo esishaywe kuyona sishaywe sidlala,” kusho uMutizwa.