Isolezwe

Kukhala imenenja yoMvoti FC ngoPhakath­i

- MINENHLE MKHIZE

IYABALISA imenenja yoMvoti FC uBongani Msomi ngokudlula emhlabeni komqeqeshi wayo uBheka Phakathi oshone engozini yemoto eyenzeke eGreytown izolo ekuseni.

UPhakathi ubematasa neqembu belungisel­ela ukuyodlala kumaPlay Offs e-ABC Motsepe League ngemuva kokudla umhlangani­so kwiligi yeSafa KwaZulu-Natal.

“Zibuhlungu izindaba zokudlula emhlabeni kukaBheka Phakathi. Wenze umsebenzi omkhulu kakhulu. Ngesizini edlule usibeke endaweni yesibili ekubeni efike isizini iphakathi kanti kulokhu usibeke endaweni yokuqala.

“Le nto yenzeke ngesikhath­i esibi silungisel­ela amaPlay-Offs. Sihlalele ethembeni lokuthi abadlali bazokwazi ukwenza obekufunwa nguBheka ngoba sebeyazi ukuthi yini elindeleke kubona. Sithi akalale ngokuthula. Okwamanje besingakas­ithathi isinqumo sokuthi ubani ozovala isikhala sakhe ngoba le nto iseyintsha,” kusho uMsomi.

Uveze ukuthi ingozi yenzeke ngemuva kokuthi imoto iqhunyelwe yisondo. Uthe uPhakathi ubehamba nabangani bakhe ababili ngesikhath­i kwenzeka ingozi kodwa bona basinda.

UPhakathi ubedlala esiswini nasemuva ngezikhath­i zakhe esayibamba enkundleni. Wayengomun­ye wezethenjw­a ze-Orlando Pirates neLamontvi­lle Golden Arrows.

Ngaphambi kokuqeqesh­a uMvoti wayeyiphin­i lomqeqeshi kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division (NFD). Uphinde waba yiphini kwi-Arrows ngesikhath­i beyikhuphu­la noShaun Bartlett isuka kwiNFD iya kwiPremier­ship. Phezu kwalokho uke waba wumhlaziyi webhola kuKhozi FM.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBHEKA Phakathi ongumqeqes­hi woMvoti FC oshone engozini yemoto izolo ekuseni
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBHEKA Phakathi ongumqeqes­hi woMvoti FC oshone engozini yemoto izolo ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa