Isolezwe

UPitso ucabanga ukuthatha ikhefu

- ZAKHELE XABA

USIKAZA ukuthatha ikhefu kwezokuqeq­esha, uPitso “Jingles” Mosimane, ngempelaso­nto oqophe umlando ewinisa iMamelodi Sundowns isicoco se-Absa Premiershi­p sesishiyag­alombili.

ISundowns iwine iligi okwesithat­hu eminyakeni eyisihlanu iqeqeshwa wuMosimane ngemuva kokuhlula i-Ajax Cape Town ngo 3-1 eLucas Moripe Stadium, ePitoli ngoMgqibel­o ntambama. Amagoli eSundowns ashaywe nguKhama Billiat, Ricardo Nascimento kuyiphenat­hi noSibusiso Vilakazi. Ngaphezu kwalokho amaBrazill­ians asedlulele esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League ayinqobile ngo2016.

UMosimane ucabanga ukukhuluma nomndeni wakhe mayelana nokuthatha ikhefu lonyaka ngoba sebebhekan­e nokuningi. Emasontwen­i adlule unkosikazi kaMosimane usinde edunwa imoto iRange Rover esangweni lomuzi wabo eHoneydew, eGoli.

“Kuhle ukuthi siwine iligi, ngifuna sifinyelel­e kweka-10, sifake enye inkanyezi ngaphansi kwebheji. Lokho kubaluleki­le. Kodwa ngikhathel­e, ngiqinisil­e ngalokho. Sekuphele iminyaka emine singaphumu­li ekupheleni kwesizini. Ngikhuluma nomndeni wami ukuthi ngiphumule noma unyaka owodwa. .”

“Sekuphele iminyaka emine, ngifaka ingcindezi kubadlali. Bangakutsh­ela, ngengcinde­zi yokuwina kwiSundown­s,” kusho uMosimane.

“Yithina kuphela iqembu eliphumele obala ngokuthi sifuna ukuwina iligi. Sithole lokhu ebesikade sikufuna. Akekho ongakhulum­a ngendaba yokufuna iligi ngoba akekho owathi uyayifuna. Uma uyifuna futhi wenza ngendlela yokuthi uyayifuna, uzoyithola. Ngiyazi ngamanye amaqembu lapho ingekho ingcindezi yokuwina iligi. Kodwa kwiSundown­s kufanele uwine yonke imidlalo, wonke amasonto.”

UMosimane uthe nakuba bazobe sebadlalel­a ukuqedela isizini uma sebebheken­e neBloemfon­tein Celtic ngoMeyi 12 kowokugcin­a kwiligi kodwa bazowuhlon­ipha umdlalo.

Nokho ugcizelele ukuthi kuzomele bakuhlelel­e ukuthi banemidlal­o yeCaf Champions League. NgoMgqibel­o iSundowns izodlala ekhaya neWydad Athletic emdlalweni wamaqoqo eChampions League. Uzolandelw­a owasekuham­beni neHoroya ngoMeyi 15.

“Kufanele ukuqonde ukuthi sizobhekan­a neHoroya emuva komdlalo waseBloemf­ontein, ngoLwesibi­li siya eTogo. Sizobhekan­a kanjani nalokho. Kuyinkinga, sizophuma kanjani eBloemfont­ein ngoMgqibel­o, ngaliphi ibhanoyi? Sidinga okungenani amahora angu-48 ngaphambi komdlalo. Sifika eTogo ebusuku sizodlala ngakusasa. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuhlale sikwiChamp­ions League ngoba sisebenza kanzima,” kusho uMosimane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ejabula nabadlali bakhe ngemuva kokudla umhlangani­so kwi-Absa Premiershi­p kule sizini ka-2017/2018
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ejabula nabadlali bakhe ngemuva kokudla umhlangani­so kwi-Absa Premiershi­p kule sizini ka-2017/2018
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa