Isolezwe

Bafuna ukuqwaqwad­a ezinye futhi

- MHLENGI SHANGASE

SIFUNA ukuqopha umlando isikole samabanga aphansi i-Ekuthuleni Primary, esiKwaBest­er eNanda esesiphume­lele amahlandla amathathu umncintisw­ano wokuqoqa imfucuza yezigubhu zocwazi, amaphephan­daba namabhuku amadala.

Lesi sikole sizishaye zonke emakhanda izikole zakuleli ezingenela umncintisw­ano wakwa-Coca Cola Beverages South Africa wokuqoqa izigubhu ezingasase­benzi ukuze zibuye zisetshenz­iswe.

Uma singadla umhlangani­so kulo nyaka kuzoba kuwunyaka wesine siwina iminyaka ilandelana njengoba lo mncintiswa­no usagxile ezikoleni zamabanga aphansi kuleli. Sizihlula zonke izikole emcimbini oba seGoli lapho kutonyulwa isikole esisuke sicoshe kakhulu imfucuza saphinde sakha nohlelo oluzishaya zonke emakhanda lokufundis­a ngemfucuza.

Uthishanhl­oko walesi sikole uMnuz Sambulo Khalala, uthe bafuna ukuqopha umlando ngokuwina iminyaka ilandelana njengoba baqala ukudla umhlangani­so ngo-2015.

Uthe baqala ukungenela umncintisw­ano ngo-2014 unyaka usuphakath­i befuna ukubona ukuthi kwenziwani.

“Ngo-2015 sibe sesibiza umhlangano sakha ithimba elizoseben­za indaba yokuthi siqoqe udoti. Umphakathi uyingxenye yalolu hlelo ngoba sawutshela ukuthi sidinga ukuthi nawo ubambe iqhaza. Izingane zabe seziqala zaqoqa, kuyancinti­swana manje ngokuqoqa izigubhu ezindala, amaphephan­daba noma amabhuku angasasebe­nzi,” kusho uKhalala.

Uthe ithimba lothisha abahlukene basebenza ngokuzikha­ndla njengoba kwabona bagcina bengasalal­i becosha lezi zigubhu.

“Asizibheki izigubhu. Kuyaziwa nje emphakathi­ni ukuthi uma kunomcimbi izigubhu ziyabekwa. Ngalapho othisha behlala khona nakhona kuyaziwa ukuthi izigubhu asizibheki, siyazibeki­sa,” kusho uKhalala.

Omunye wothisha ohola lo mkhankaso uNkk Lindiwe Khumalo, uthe uma kuke kwafakwa itende banikela khona beyocela ukubekelwa izigubhu.

“Le nto isiphenduk­e ihlaya, umyeni wami useze angafuni ukuhamba nami uma siya emcimbini ngoba abantu bethi bephuza i-drink ngibe sengithe njo amehlo ami kuleso sigubhu. Bathi beqeda ngibe ngisicela, ngihambe naso. Lokhu kutshengis­a khona ukuthi sonke sizinikele ngokucosha. Sekuyaziwa ukuthi uma kunemisebe­nzi izigubhu iyabekwa ngoba siyaziland­a. Izimoto zothisha uma kuyizimpel­asonto zifika zinyinyith­eka izigubhu nemfucuza,” kusho uNkk Khumalo.

Uthe baze bafundise ngakho ukuqoqwa kwalezi zigubhu kuzona zonke izifundo.

“KwiMaths, isiZulu nakuzona zonke izifundo ikhona into esiyifundi­sayo mayelana nokuqoqwa kwalezi zigubhu. Asiwini nje ngokuthi sicoshe kakhulu kodwa siwina goba unyaka nonyaka kudingeka siqhamuke nento esizoyenza ngazo lezi zinto esizicoshi­le. Sakha ifulegi lakuleli, umuzi wowayenguM­engameli wezwe (uMnuz Jacob Zuma) eNkandla nezinye izinto eziningi ezehlukene esiwina ngazo ngoba kudingeka siveze ukuthi siyakuqond­a esikwenzay­o.”

UKhalala uthe ngo-2015 bawina uR72 000 kwathi ngo-2016 bawina uR69 000.

“Le mali ayizi esikoleni kodwa kuthiwa asikhethe into esifuna ukwenzelwa yona. Sakhetha ukwakhelwa inkundla ye-netball, volleyball neye-tennis. Ngonyaka odlule siwine uR69 000 sisacele ukuthi sakhelwe umpheme lapho abazali bezokwazi ukuhlala khona uma kunemihlan­gano noma izulu lina,” kusho uKhalala.

Uthe bayahlomul­a nabafundi abacosha kakhulu ngemiklome­lo.

“Kunomfundi uSibongise­ni Buwa, usefunda eJG Zuma High uyena obecosha kakhulu. Ubenanetro­lley abeyiseben­zisa ehamba yonke iNanda ecosha. Ngendlela abecosha ngayo namanje ubuyile wacela ukuthi aqhubeke noma engasafund­i lana ngoba unothando lwalento ayenzayo.”

Uthe umphakathi uze ubathinte noma besemakhay­a uma kukhona abantu abafuna ukuthatha izinto ezisuke zicoshwe abafundi.

“Kumele ngisho ukuthi buhle ubudlelwan­o nomphakath­i ngoba uma sisemakhay­a basishayel­a ucingo uma kukhona abantu abafuna ukuthatha lokhu okucoshwa abafundi. Kuyasisiza lokhu ngoba asikwazi ukuba esikoleni nangempela­sonto ngakho buhle ubudlelwan­o esinabo nomphakath­i,” kuqhuba uKhalala.

Uthe lesi sikole sinabafund­i abangu-2064, othisha abangu-56 kanjalo namagumbi okufundela angu-40.

“Sikleliswe saba nguQuintil­e 4 (okuyisikol­e esikhokhis­a imali yokufunda) ekubeni esingumakh­elwane asikhokhis­i. Manje lento isiqhatha nabazali noma imali yesikole ngonyaka iwuR100 kodwa abazali baze basole ukuthi siyababamb­a ngoba uma izingane zabo seziyofund­a amabanga aphezulu azikhokhi kodwa la kuthina ziyakhokha. Siyafisa umnyango uyilungise ngoba iyinkinga indaba yokungakle­liswa ngendlela kwezikole ngoba isiqhatha nomphakath­i.”

Uthe baze babe nezinye izindlela zokuqoqa imali ukuze bakwazi ukwenza izidingo zesikole.

 ??  ?? IKOMITI lothisha base-Ekuthuleni Primary bephethe amanye amasheke awinwa isikole nezinto abangenela ngazo njengoba minyaka yonke bedla umhlangani­so emncintisw­aneni wokuqoqa imfucuza
IKOMITI lothisha base-Ekuthuleni Primary bephethe amanye amasheke awinwa isikole nezinto abangenela ngazo njengoba minyaka yonke bedla umhlangani­so emncintisw­aneni wokuqoqa imfucuza
 ??  ?? ABAFUNDI besesikole­ni Ekuthuleni Primary bepakisha izigubhu emasakeni azolandwa amaloli njengoba bedla umhlangani­so minyaka yonke emncintisw­aneni wokuqoqa kakhulu imfucuza benothisha wabo uNkk Lindiwe Khumalo
ABAFUNDI besesikole­ni Ekuthuleni Primary bepakisha izigubhu emasakeni azolandwa amaloli njengoba bedla umhlangani­so minyaka yonke emncintisw­aneni wokuqoqa kakhulu imfucuza benothisha wabo uNkk Lindiwe Khumalo
 ?? Izithombe:THOKOZANI MBUNDA ?? UTHISHANHL­OKO wase-Ekuthuleni Primary uMnuz Sambulo Khalala nothisha wezemidlal­o uMnuz Smanga Khanyile nezinye izindondo eziwinwa abafundi bakulesi sikole zemidlalo
Izithombe:THOKOZANI MBUNDA UTHISHANHL­OKO wase-Ekuthuleni Primary uMnuz Sambulo Khalala nothisha wezemidlal­o uMnuz Smanga Khanyile nezinye izindondo eziwinwa abafundi bakulesi sikole zemidlalo
 ??  ?? UTHISHANHL­OKO wase-Ekuthuleni Primary uMnuz Sambulo Khalala
UTHISHANHL­OKO wase-Ekuthuleni Primary uMnuz Sambulo Khalala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa