Kuphele ithemba kuMokotjo beshaywa
KUNYOMFEKE izinhlelo nezifiso zenjini yeBafana Bafana, uKamohelo Mokotjo, ngesikhathi iqembu layo iBrentford likhala ngaphansi ngo 2-0 uvela kuBarnsley emdlalweni weChampionship wase-England. Kulo mdlalo uMokotjo angene kuwona sekusele imizuzu engu17, iqembu lakhe liyeke ithuba lokuzisondeza nama-Play Offs azokhipha amaqembu amabili azokhuphukela esigabeni esikhulu neWolves yona esingompetha.
Ngaphambi kwalo mdlalo iBrentford ibibalwa namaqembu angase angene ngopotsho kweyokuhlunga kodwa lokhu kubukeka kungeke kusaba yimpumelelo ngenxa yalo mphumela. Nakuba kunjalo kodwa indlela afike wazazisa ngayo e-England uMokotjo ngeke kwathusa uma kungavela amaqembu amfunayo.
ENetherlands, uThulani Serero ube nesikhulu isandla ekutheni iFC Twente eyayidlalelwa uBernard Parker idliwe yizembe ngesikhathi eshaya inguzunga yegoli. Kulo mdlalo iVitesse kaSerero inqobe ngo 5-0. Kwenzeka lokhu eNetherlands nje, eFrance uBongani Zungu usize i-Amiens ithola iphuzu elilodwa ngokudlala ngokulingana ne-AS Monaco. Udlale imizuzu engu-80 lo mdlali odume ngelikaBen 10 kuleli.
ILille edlalelwa uLebohang Mothiba izisize kakhulu inqoba ngo 3-1 kuMetz okuyenza isuke kancane engozini yezembe njengoba nemidlalo isiyela ngasemaphethelweni kuLeague 1. Uwudlale wonke uMothiba lo mdlalo kodwa akabanga khona kwabashayele leli qembu amagoli.
Kuyona le ligi, uKeagan Dolly weMontpellier ufakwe esiwombeni sesibili bekhala ngaphansi ngo 1-0 kuSt Etienne ngoLwesihlanu olwedlule. NgeSonto, kuyona le ligi, uLebohang Phiri weGuingamp udlale imizuzu eyisishiyagalolunye yokugcina bebamba ompetha iParis Saint-Germain ngo 2-2 eParc de Princes.
EChina, uDino Ndlovu akayibonanga inethi kodwa ubesenkundleni umdlalo wonke iqembu lakhe iZhejiang Greentown licazelana amaphuzu neBeijing BG kuba u 1-1 ngoMgqibelo.