Isolezwe

Amakhosi aseqalile ukuthungat­ha umqeqeshi

- MINENHLE MKHIZE

ISIQALILE ukuthungat­ha umqeqeshi omusha iKaizer Chiefs ehlukane noSteve Komphela ngemuva kwezidubed­ube nobuhixihi­xi baseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngenyanga edlule.

Amakhosi akhishwe yiFree State Stars ngo 2-0 kwi-semi final yeNedbank Cup eMabhida. Abalandeli bavuke umbhejazan­e bangena ngodli enkundleni baphinde babulala nempahla enkundleni.

Isolezwe lihabule ngomthombo walo othembekil­e ukuthi iChiefs isiqalile kuthungath­a umqeqeshi omusha ozovala esikaKomph­ela.

“UBobby (Motaung) uke wathinta enye imenenja ehlonishwa­yo. Uyicele ukuthi imsize imthungath­ele umqeqeshi oyiNgisi oseqophelw­eni eliphezulu. Le menenja sengathi isimtholil­e umqeqeshi embona ukuthi ufanelwe wukuqeqesh­a iChiefs. Njengamanj­e into esisele wukuthi le menenja ihlangane naye bese izwa ukuthi angathanda yini ukuzoqeqes­ha eNingizimu Afrika. Uma ethi angaqeqesh­a eNingizimu Afrika, le menenja izobe isibuyela kwiChiefs ne-CV yakhe. Izikhulu zeqembu yizona-ke ezizobe sezithatha isinqumo sokuthi ziyambiza kwinhlolok­hono noma cha,” kusho umthombo osondelene nale menenja.

UKomphela ushiye kuMakhosi ngemuva kwamasizin­i amathathu enganqobi sicoco. UPatrick Mabedi, esizwa u-Arthur Zwane, nguyena obambile kuze kuphele isizini.

“Ungathuki futhi uma uStuart Baxter engathushu­ka kwiChiefs. UBaxter akaneme kwiBafana Bafana. Ngakho ngeke kumangaze uma engashiya bese ebuyela kwiChiefs. Omunye umqeqeshi engimaziyo ukuthi uyawufuna lo msebenzi nguLuc Eymael. Okwamanje akukho okubambeka­yo ngoba into kaKomphela yinto eyenzeka manje,” kusho lo mthombo.

UBaxter wagila izimanga kuMakhosi. Uhlale amasizini amabili wakhala wemuka nezicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p, Nedbank Cup neseMTN 8. Lo mqeqeshi, ojoyine iBafana ngesizini edlule esuka kwiSuperSp­ort United, uhlulwe yisicoco seTelkom Knockout kuphela ngesikhath­i sakhe kwiChiefs.

Ngesikhath­i uMotaung eqinisekis­a izindaba zokushiya kukaKomphe­la wathi iqembu lisazobiza isithangam­i nabezindab­a lapho kuzonatshw­a khona ngokuzokwe­nzeka kubhekwe kwisizini entsha.

IChiefs isiphosa iso layo phesheya nje, uKomphela ubengumqeq­eshi wokuqala omnyama nowakuleli ukuyicija ngaphansi kwePremier Soccer League.

Khonamanja­lo imibiko yelinye lamaphepha­ndaba angempelas­onto iveze ukuthi abaphathi bahlongoza ukubuyisa uDoctor Khumalo azoba yiphini lanoma ngubani ozothatha izintambo.

UKhumalo uyinhloko yosomaqhin­ga kwiBaroka FC ayijoyine ekuqaleni kwesizini kulandela ukushiya Amakhosi, abesehlale kuwona iminyaka engaphezul­u kuka-30.

 ??  ?? USTUART Baxter obalwa nabangase bavumbuke kwiKaizer Chiefs Isithombe: BACKPAGEPI­X
USTUART Baxter obalwa nabangase bavumbuke kwiKaizer Chiefs Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa