Iqhawe leChiefs lizimisele ukubuya
INGWAZI yeKaizer Chiefs uDoctor “16 Valve” Khumalo ayisibukeli phansi isikhundla sokuba yiphini lomqeqeshi.
UKhumalo usebenza kwiBaroka FC yaseLimpopo, uyinhloko yethimba labaqeqeshi. Kulezi zinsuku umataniswa neqembu lakhe elidala iChiefs elithungatha umqeqeshi omusha.
Amakhosi asanda kuhlukana noSteve Komphela ozibeke phansi izintambo ngemuva kwezidubedube zaseMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Njengamanje uPatrick Mabedi owayengukaputeni weChiefs nguyena obambe izintambo. Ikusasa lakhe alaziwa kuleli qembu.
IChiefs sekusabalale izindaba ezithi kungenzeka ibuyise uKhumalo azolekelela umqeqeshi omusha ozoqashwa yiqembu. Exoxa naleli phephandaba uKhumalo ukubeke kwacaca ukuthi akanayo inkinga yokuba yiphini.
“Okwamanje akekho osangithintile kwiChiefs. Ngiyasihlonipha isikhundla engikusona lapha kwiBaroka. Uma iChiefs ixhumana neBaroka bese kulandelwa yonke imigudu ngendlela efanele, ngeke ngibe nayo inkinga. Uma nje ekugcineni kuzokwenziwa kahle yonke into. Ukusebenza kwami noStuart Baxter (kwiChiefs benqoba izicoco ezine ngamasizini amathathu) kungifundise izinto eziningi. Angisesilona uhlobo lwephini oluyisithombe noma elivuma yonke into. Phela ebholeni kunamaphini amabili. Kukhona elivuma yonke into bese kuba khona elibeka imibono yalo,” kusho uKhumalo.
Le ngwazi yaMakhosi yiyona ehlezi ebhentshini leBaroka njengamanje yize iyinhloko yethimba labaqeqeshi kuzo zonke izinhlaka kuleli qembu.
IBaroka ayinaye umqeqeshi. Ezinyangeni ezedlule ixoshe uKgoloko Thobejane, kwabamba uMcDonald Makhubedu, naye ucele ukushiya kulesi sikhundla ekhala ngokushisa kwensimbi.
“Ayikho inkinga ngokuba yiphini ngoba usuke uyingxenye yethimba labaqeqeshi. Uma kuhluleka umqeqeqeshi nawe njengephini usuke uhlulekile. Nawe unalo ilungelo lokuthatha izinqumo. Sonke siye sibone uRulani Mokwena (wePirates) ephikisa uMulitin Sredojevic, ongumqeqeshi weBucs, ngendlela eyakhayo. UPitso (Mosimane ololonga iSundowns) naye uyaye aqale akhulume noManqoba Mngqithi ngaphambi kokuthi athathe isinqumo. Phesheya kwezilwandle amaphini abaqeqeshi yiwona ahlale emile isikhathi esiningi. Yinto eyenzekayo ebholeni. Uma uyiphini nawe usuke ungumqeqeshi. Into emqoka wukuthi nawe ubeke owakho umbono,” kusho uKhumalo.
IChiefs imthungatha phesheya kwezilwandle umqeqeshi omusha. UBaxter kuvela ukuthi akeneme kwiBafana Bafana.
“Kumele ukwazi ukubamba izintambo uma umqeqeshi exinekile. UStuart wake wabanjwa yisisu waphutha emsebenzini izinsuku ezintathu. Ngaleso sikhathi yimina owayelolonga iqembu. Sasilungiselela umdlalo onzima neSundowns. UStuart wabuya ngosuku lomdlalo safika sanqoba. NakwiSundowns kwenzekile uPitso eyofunda phesheya kwezilwandle,” kuphetha uKhumalo.