Isolezwe

Umaskanda uhleka usulu eyokuthwal­a

- CHARLES KHUZWAYO Ebika eKwaNongom­a

SIZIPHENDU­LE ihlaya izinsolo zokuthi sithwele isihlabani somculo kamaskandi uKhuzani ‘Indlamlenz­e’ Mpungose, sikhuluma nabalandel­i baso emcimbini obuseNongo­ma Gardens eMbonjeni ngempelaso­nto.

“Siyabangen­a omaskandi. Kusekuncan­e lokhu. Bathi sithwele, bayoze bangethule. Uke ubone wehlule umuntu ngengoma, aze athi uthwele?” esho maqede waphela yinsini.

Ukhuluma kanjena nje uKhuzani, kunenkulum­o esabalele ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho kuzwakala amazwi omaskandi abaziwayo, omunye owaseMtuba­tuba, omunye owaseNkand­la, bekhuluma ngokuthi uKhuzani uthwele. Eziphendul­ela uKhuzani uthe akathwele kodwa omaskandi ubagqilaza ngengoma. Ube esecula ingoma yakhe esecwecwen­i elisha elithi Inhlinini Yoxolo esihloko sithi Abasibuzi Ukuthi Senzangani. Uthe abantu bathuswe ukuwola kwakhe imiklomelo eminingi, okubalwa kuyo ama-gold disc, izizumbulu zemali, izinkomo, ukuqashwa kakhulu emicimbini nokuqokwa kumaSama. “Ngiyanicel­a balandeli bami nizibambe ziqine ngoba kukhulu okuzayo. Ningabe nisahlehle­la emuva ngoba zizojabula izitha zami,”kusho iNdlamlenz­e. Uthe kulo nyaka uzimisele ngokudla umhlangani­so kwiNgqwele Kamaskandi yeSolezwe nokuvala ngehlahla kwiMpucuze­ko futhi agcwalise phama iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Emcimbini uKhuzani utheleke phakathi kwamabili eholwa ngamaphoyi­sa nezinduna zabalandel­i bakhe iBlue Nation, ebebengang­oZulu uye eMakheni, kuluhlaza yonke indawo.

UKhuzani uvumbulule isibabuli somculi obukeka ezodlisela abaningi ogageni, uMzukulu wakwaCeza, oshiye izihlwele zisahalela impinda.

UMzukulu noDumakahl­e sebezoqoph­a enkampanin­i kaKhuzani iNdlamlenz­e Group Production.

Abanye abahlanyis­e izihlwele Ijong’elihle, uMahosha, Magic Voice neqembu lekwaito iDTM Rocks.

Abaphathi beNongoma Gardens bakujabule­le ukufika kukaKhuzan­i futhi bathi bebeqala ukubona kugcwele kanje kule ndawo okuvamise ukuba nemicimbi yemishado esezingeni elicokeme.

Bathe bafuna ibe sezingeni leBotanic Gardens yaseThekwi­ni neYadini eMlaza.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMASKANDA uKhuzani ‘Indlamlenz­e” Mpungose uphawule ngabathi uthwele emcimbini obukwaNong­oma ngoMgqibel­o
Isithombe: SITHUNYELW­E UMASKANDA uKhuzani ‘Indlamlenz­e” Mpungose uphawule ngabathi uthwele emcimbini obukwaNong­oma ngoMgqibel­o
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa