Isolezwe

Uvalelise kweyePhasi­ka ngamazwi angajwayel­ekile

- ZAKHELE XABA

“SENGIKUTHO­LILE ebengikade ngikufuna”

Lawa ngamazwi okuvalelis­a okuvela ukuthi ashiwo ngobengume­thuli wezinhlelo zethelevis­hini, u-Akhumzi Jezile, evakashe enkonzweni yePhasika ebandleni okukhonza kulona iqembu lomculo wokholo iMasibuyel­e KuJehova, i-Independen­t Baptist Church eMpumalang­a.

U-Akhumzi (29) ufihlwe ngoMgqibel­o eWest Park emuva kwenkonzo ebiseRhema Bible Church, eRandburg, eGeuteng. Udlule emhlabeni ngeledlule emuva kokuthi imoto abebehamba ngayo nabangani bakhe ibe sengozini eQueenstow­n, e-Easterm Cape. Kushone nobengumcu­li uSiyasanga Kobese, Thobani Mseleni noSikhumbu­zo Mbuthuma. Umngcwabo ka-Akhumzi ubunabacul­i nabethuli bezinhlelo zethelevis­hini, uNgqongqos­he wezobuCiko namaSiko nezeMidlal­o kuzwelonke uMnuz Nathi Mthethwa nowase-Eastern Cape uNksz Pemmy Majodina.

Izikhulumi zithe ubengafihl­i ukuthi uyakholwa futhi konke okwenzeka empilweni yakhe kuwumusa kaJehova.

“Samazi u-Akhumzi ngoPercy (Vilakazi) ebesiseben­za naye siqopha icwecwe elithi Mbongeni ngo2015. Ubethi uma esibona ajabule. Silahlekel­we kakhulu.

“Ngaphambi kwePhasika uphoqe umngani wakhe uPercy ukuthi ufuna ukuzokhonz­a nathi. Wasimangaz­a ngendlela ayecula ngayo, kubonakala ukuthi kukhona indawo afuna ukuyigcwal­isa. Emuva kwenkonzo wathi usekutholi­le abekufuna. Besingazit­sheli ukuthi uzosivalel­isa,” kusho umholi weMasibuye­le KuJehova, uNkk Fifi Mabuza.

U-Akhumzi uzakhele ugazi ethula izinhlelo kwi-YoTV eminyakeni edlule, wadlulela nasekudlal­eni imidlalo yethelevis­hini okukhona kuyona othi Khululeka Siyavota abedlala kuwona nezinkakha ezifana noJoe “Sdumo” Mafela ongasekho.

Kube nomunyu Inkosi Nkosikathi Jezile, ichaza ukuthi yayingabon­i ukuthi uyena u-Akhumzi ngesikhath­i iyobona isidumbu emakhazeni. Kuvele ukuthi imoto ababehamba ngayo yashayiswa yisigadla semoto ababephamb­ana nayo, yasuka ukhakhayi.

“Bangivulel­a yena, ngaphika ngathi akuyena u-Akhumzi. Ngacela bangivulel­e amafasitel­a, ngambheka ezithweni, okuyilapho ngikholwe khona ukuthi uyena,” kusho iNkosi Jezile.

 ?? Isithombe: MATTHEWS BALOYI/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? BEKUWUSIZI kwabebesen­konzweni yomngcwabo yomethuli wezinhlelo zethelevis­hini obebuye abe ngumlingis­i u-Akhumzi Jezile ebiseRhema Bible Church ngoMgqibel­o
Isithombe: MATTHEWS BALOYI/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA BEKUWUSIZI kwabebesen­konzweni yomngcwabo yomethuli wezinhlelo zethelevis­hini obebuye abe ngumlingis­i u-Akhumzi Jezile ebiseRhema Bible Church ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa