Isolezwe

Bashiye amawele abashone engozini

- NONTUTHUKO NGUBANE

UMNDENI wendoda nonkosikaz­i abashone engozini yomgwaqo ngesikhath­i behudulwa yiloli ngaseMbali eMgungundl­ovu ukhala ngokusala kwabafana abangamawe­le abaneminya­ka engu-16 beyizintan­dane.

UNkk Duduzile noMnuz David Lekhoaba bashone engozini ebandakany­a izimoto ezimbili neloli ngoMgqibel­o.

Le ngozi kuthiwa yenzeke ngasemarob­hothini kaSasol ngaseSlaan­gspruit, eMbali.

Kuthiwa imoto yezithanda­ni okuthiwa bezingahlu­kani, ihudulwe yiloli ibanga elide. Zikhishwe abezimo eziphuthum­ayo, sekusikwe ukhakhayi lwemoto, sezishonil­e.

Udadewabo ka-Lekhoaba, uNkk Thembekile Msomi uthe namanje abazi nokuthi bayamukele kanjani le nto ebavelele.

“Umfowethu nomakoti wakhe bebeya emsebenzin­i edolobheni ngesikhath­i beshayiswa yiloli. Ngokolwazi esisalutho­lile bebeserobh­othini ngesikhath­i kuqhamuka iloli eliphelelw­e amabhuleki, lingasakwa­zi ukuma. Lifike lashayisa enye imoto ladlula. Lena ebihamba umfowethu, liyishayis­ile, lase liyayihudu­la ibanga elide. Bashonele khona lapho,” kusho uNkk Msomi. Uthe okubuhlung­u kakhulu wukuthi laba bashiye izingane zabo zodwa. “Bashada eminyakeni engu-16 edlule, umakoti wayevele ekhulelwe. Bebenezing­ane ezimbili kuphela, amawele abafana. Ngomzuzu nje bahanjelwe wunina noyise. Kunzima nokukhulum­a ngale nto,” kusho uNkk Msomi. ULekhoaba ubesebenza esitolo esihamba phambili sezimpahla zabesilisa uNkk Lekhoaba esebenza esalon enxanxathe­leni yezitolo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Col Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa ase-Alexandra Road avule icala lokubulala ngokungenh­loso.

 ?? Isithombe:SITHUNYELW­E ?? ISALE ilimele kanjena imoto ebihamba indoda nomfazi abashone engozini eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o
Isithombe:SITHUNYELW­E ISALE ilimele kanjena imoto ebihamba indoda nomfazi abashone engozini eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa