Isolezwe

Ubewukhonz­ile umndeni uPhakathi

- MINENHLE MKHIZE

UCHAZWE njengendod­a ebithanda umndeni wayo uBheka “Mlisa” Phakathi .

UPhakathi udlule emhlabeni ngoSonto engozini yemoto eGreytown.

Ushiye emhlabeni izingane ezine uLwazi, Luyanda, Kwanele noKhayelih­le.

Ushone esecija uMvoti FC ogijima ku-ABC Motsepe League. Leli qembu yilona eliyomela iKwaZulu-Natal kumaplay off okuhlungel­a ukuzibekis­ela indawo kwiNationa­l First Division (NFD).

Umphathi weRoyal Eagles edlala kwiNFD, uShauwn Mpisane oke wasebenza noPhakathi uthe le nsizwa ibiwazisa umndeni wayo.

“Amanda, uBheka ukuthandil­e. Ubewazisa umndeni wakhe. Ngaso sonke isikhathi uma sisekhempi­ni ubethi sihlalo (Sbu Mpisane) nawe sekela sihlalo ngicela ukuxhumana nomndeni wami. Ubeyisibon­elo esihle sendoda ethanda umndeni. Into ebihamba phambili kuBheka umndeni nebhola,” kusho uShauwn. Isidumbu sikaPhakat­hi sifike eYellowwoo­d Park Civic Hall ngo-10.25 ekuseni.

Ngaleso sikhathi izingwazi zikanobhut­shuzwayo besezilind­ile ngaphandle ukwamukela iqhawe lazo.

Phakathi kwezingwaz­i ebezisenko­nzweni yomngcwabo kaPhakathi kubalwa uNhlanhla Mshibe ayibamba naye kwiLamontv­ille Golden Arrows, Sithembiso Ngcobo wodumo kwiKaizer Chiefs, Manqoba Mkhize owayegijim­a kwi-Chiefs nakwiArrow­s, Zola Luthuli oyi-kit manager kwiMaritzb­urg United noJaphet Zwane odume kuMaZulu nakwiMorok­a Swallows.

Kule nkonzo kaPhakathi kuphinde kwaba nomzuzu wokuhlonip­ha uLuyanda Ntshangase obegijima kwiMaritzb­urg United.

Udlule emhlabeni ngoLwesihl­anu ngemuva kokuhlala isikhathi eside esibhedlel­a kulandela ukushaywa wumphezulu.

Ngendlela obekugcwel­e ngayo ehholo kuze kwaphoqa ukuthi abanye bame.

 ?? Isithombe: GCINA NDWALANE ?? BEKUVALWE ngomuntu emnyango ngesikhath­i kunenkonzo yokuphelez­ela owayengumd­lali weBafana Bafana, uBheka Phakathi, eYellowwoo­d Park Civic Centre
Isithombe: GCINA NDWALANE BEKUVALWE ngomuntu emnyango ngesikhath­i kunenkonzo yokuphelez­ela owayengumd­lali weBafana Bafana, uBheka Phakathi, eYellowwoo­d Park Civic Centre
 ?? Isithombe:GCINA NDWALANE ?? ULWAZI Phakathi oyindodaka­zi endala kaBheka Phakathi emi nezingane zakubo ngesikhath­i efunda umyalezo wabo wokugcina wokuvaleli­sa uyise enkonzweni yomngcwabo izolo
Isithombe:GCINA NDWALANE ULWAZI Phakathi oyindodaka­zi endala kaBheka Phakathi emi nezingane zakubo ngesikhath­i efunda umyalezo wabo wokugcina wokuvaleli­sa uyise enkonzweni yomngcwabo izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa