Isolezwe

Bafuna iSJ Smith ibizwe ngoBheka Phakathi

- MINENHLE MKHIZE

BAFUNA ishintshwe igama iqanjwe ngoBheka Phakathi inkundla iSJ Smith Stadium eseWema.

Lokhu kuvele ngesikhath­i kukhuluma uMjay Maphumulo obephethe uhlelo.

UPhakathi udlule emhlabeni ngoSonto engozini yemoto. Ufihlwe izolo emini emathuneni aseLamontv­ille. “Uma nifuna ivoti lethu, kumele nishintshe inkundla iSJ Smith Stadium ibizwe ngoBheka Phakathi. Ngonyaka ozayo wukhetho (lukazwelon­ke) ngakho sicela niqambe inkundla ngoBheka Phakathi ngoba asazi ukuthi ngubani u-SJ Smith.”

Inkundla yonke ivele yavungama ikhombisa ukujabulel­a isiphakami­so sikaMaphum­ulo. IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, nongqongqo­she wezeMidlal­o, amaSiko nokuNgcebe­leka, uNkk Bongi Sithole-Moloi, bathumele izixoliso ngokungaph­umeleli.

ISJ Smith Stadium isetshenzi­swa kakhulu ngamaqembu aku-ABC Motsepe League.

Usihlalo woMvoti FC, uBonginhla­nhla Gwala, uthe akalilahli­le ithemba ngokuphume­lela kuma-play off eLimpopo ngenyanga ezayo.

“Emidlalwen­i ewu-28 uBheka unqobe ewu-23, wadlala ngokulinga­na kwemine wase edliwa kowodwa. UBheka ubeyikho konke eqenjini. Ayikho inkinga abehlulwa wukuyisomb­ulula. Besifuna ukuyodla ubhedu kuma-play off futhi sisaya lapha ukuyonqoba,” kusho uGwala.

I-Arrows izichithil­e izinsolo zokuthi iyishaye ngesithend­e inkonzo yesikhumbu­zo kaPhakathi.

UMandla Ncikazi, oyiphini likaClinto­n Larsen kuBafana Bes’thende, uthe:” UBheka ubenenkani enhle. Ubeyimela into yakhe. Ubenesibin­di esisabisay­o. Ngisho esengasekh­o kwi-Arrows kodwa ubesalitha­nda iqembu. Asizange siyishaye ngesithend­e inkonzo yesikhumbu­zo kaBheka. Yilokho engifuna ukukucacis­a. Into eyenzekile wukuthi kushayisan­e izikhathi. “

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa