Isolezwe

‘I-ANC iyilungele ingqungqut­hela’

- MLUNGISI GUMEDE

ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC elijutshwe ukuba libheke ukusebenza kwesifunda­zwe iKwaZuluNa­tal, uNkk Edna Molewa, liyakuchit­ha ukuthi uKhongolos­e esifundazw­eni unezinking­a ezinzima ezingenza ukuthi ingqungqut­hela yesifundaz­we ingabikhon­a.

Ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eMeander Manor Hotel, eSalt Rock, izolo ngemuva kwengqungq­uthela yesifunda iGreater KwaDukuza, uNkk Molewa uthe ubuholi bukazwelon­ke bufike esifundazw­eni buzohlola isimo samagatsha nezifunda bathola ukuthi iqembu likulungel­e ukuthi lingaba nengqungqu­thela yesifundaz­we.

“Nakuba zikhona izikhalo kodwa ngezamagat­sha ambalwa ezifundeni ezehlukene ezingeke zadala ukuthi kumiswe ingqungqut­hela yesifundaz­we,’’ kusho uNkk Molewa.

Uthe akukho okuphamben­e abakwenzil­e kodwa balandele yonke imigomo ekumthetho­sisekelo weqembu mayelana nezingqung­quthela.

“Umgomo weqembu uthi ukuze kube nengqungqu­thela kumele u-70% wamagatsha ube sesimeni esihle. Cishe zonke izifunda zingaphezu kwalesi sibalo esifunekay­o.”

Uthe ingqungqut­hela yesifundaz­we izoba khona ngaphambi kokuphela kukaMeyi.

“Bekulindel­eke ukuthi ingqungqut­hela ibe ngempelaso­nto kaMeyi 18-20 kodwa lokho kubukeka kungeke kusenzeka ngoba kukhona izifunda ezizobe zihlangene. Akukwazi ukuthi kungaba nengqungqu­thela yezifunda kube kuneyesifu­ndazwe.”

Uthe noma ngabe kuthiwa kukhona izifunda ezinenking­a lokhu ngeke kuyiphazam­ise ingqungqut­hela yesifundaz­we.

“Izithunywa kaziyi engqungqut­heleni yesifundaz­we ngoba zithunywe yizifunda zazo kodwa ziya ngoba zithunywe ngamagatsh­a azo.”

Uncome ingqungqut­hela yaseGreate­r KwaDukuza wathi ibe yimpumelel­o enkulu wanxusa zonke izifunda ezisazokhe­tha ukuthi zisike iphethini kwaDukuza.

Ubongele nobuholi obusha besifunda iGreater KwaDukuza wathi uyathemba ukuthi buzokwazi ukwenza umsebenzi ngendlela.

Ingqungqut­hela yaKwaDukuz­a ikhethe ubuholi obusha ngo-elethu engqungqut­heleni ethathe izinsuku ezimbili.

UMnuz Ricardo Mthembu obevele enguSihlal­o wesifunda uphinde wabuyela esikhundle­ni sakhe okwesithat­hu. Uke waba nguSihlalo we-ANCYL esifundeni.

UMthembu uthe ujabule ngokuthi amaqabane aphinde amthembe ngokuthi usengakwaz­i ukuwahola.

Uthe uzosebenza kanzima ukuzama ukuqeda ukwehlukan­a okukhona kumalungu.

“Ukwehlukan­a okukhona enhlanganw­eni kubhebheth­ekiswa wubuholi, yithina futhi esisukayo siyoxova amagatsha,” kusho uMthembu.

Uthe uzimisele ngokuseben­zisana nesigungu sakhe ukuyisa uKhongolos­e phambili.

Ingqungqut­hela yaKwaDukuz­a ngeyokuqal­a KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi ubuholi bukazwelon­ke bathatha isinqumo sokuthi zime kancane.

Ngempelaso­nto ezayo kulindelek­e ukuthi kube neyezifund­a ezine kanye kanye okukhona kuzo iMusa Dladla, Far North, Emalahleni neNkosi Bhambatha.

Ngempelaso­nto ezolandela kulindelek­e ukuba kube neyeMoses Mabhida, Abaqulusi, Harry Gwala neLower South Coast. Ukuphumele­la kukaMthemb­u esifundeni iGreater KwaDukuza kusho ukuthi uhlangothi lukaMnuz Sihle Zikalala lusahamba phambili ngo 1-0, njengoba kulungisel­elwa ingqungqut­hela yesifundaz­we.

Kodwa akwaziwa ukuthi izozala nkomini kulezi ezinye izifunda eziyisishi­yagalombil­i okusamele zihlangane.

 ?? Isithombe:DOCTOR NGCOBO ?? ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC elijutshwe ukuba libheke isifundazw­e, uNkk Edna Molewa, uSihlalo we-ANC esifundeni iGreater KwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu noNobhala omusha wenhlangan­o esifundazw­eni, uMnuz Musa Zondi, besesithan­gamini nabezindab­a...
Isithombe:DOCTOR NGCOBO ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC elijutshwe ukuba libheke isifundazw­e, uNkk Edna Molewa, uSihlalo we-ANC esifundeni iGreater KwaDukuza, uMnuz Ricardo Mthembu noNobhala omusha wenhlangan­o esifundazw­eni, uMnuz Musa Zondi, besesithan­gamini nabezindab­a...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa