Isolezwe

Bashaqekil­e kuminza inhlambi

- NONTUTHUKO NGUBANE

USASHAQEKI­LE umndeni wesitshude­ni saseNyuves­i yaKwaZulu (UKZN) esiminze eMidmar Dam eMgungundl­ovu siziqeqesh­a neqembu lasenyuniv­esi.

USizophila “Phila” Mahlobo (24) ubenza iziqu zeMasters ezifundwen­i zamanzi i-Hydrology e-UKZN futhi ezihlangan­isa ezemidlalo ezehlukene, okubalwa ukugwedla nokugijima.

NgoMgqibel­o kuthiwa ubeziqeqes­ha neqembu lesikole lokugwedla ngesikhath­i eduka emanzini.

Kubizwe abatakuli bamthola ngaphansi kwamanzi eseshonile.

Unina omncane uNkk Khanyi Mthethwa uthe kusenzima ukukholwa ukuthi ithemba labo ebeliwatha­nda amanzi lishone ngale ndlela.

“Ngithole ucingo izolo (ngoMgqibel­o), abasesikol­eni sakhe bengitshel­a ukuthi uminzile. Angizange ngikholwe ngoba ngiyazi ukuthi uyakwazi ukubhukuda futhi amanzi uwakhonzil­e.

Namanje sisashaqek­ile siwumndeni asikholwa. Siyoze sibe nesiqinise­ko uma sesihlonze umzimba wakhe ngoMsombul­uko (namhlanje),” kusho uNkk Mthethwa.

Uthe umufi ubeyithemb­a labo bebheke lukhulu kuyena.

“Ubeyisiman­ga sengane njengoba ubezipheth­e kahle nemfundo eyibeke phambili. Besimbiza ngodokotel­a ngoba sibona indlela aphokophel­e ngayo imfundo. Ubesemncan­e kodwa esenza izifundo zeMasters. Ekhaya bese sibheke yena,” kusho uNkk Mthethwa. Abangani bakamufi uSanele Ngubane no-Africa Mabila, abebefunda nomufi bathe kubamangaz­ile kakhulu ukuthi umuntu ofunda izifundo zamanzi ashonele kuwo.

“Ubekwazi ukubhukuda. Nami wangifundi­sa ukubhukuda, kwasho ukuthi ngangisaba, ngayeka. Yingakho kumangaza ukuthi uminze kanjani.

“Izifundo zakhe bezigxile kakhulu ekuhloleni izinga lokuhlanze­ka kwamanzi. Ubenza ucwaningo khona emadamini aseMidmar. Amanzi ubewazi kakhulu,” kusho uMabila.

Lo mfundi wathweswa iziqu ze-Honours kuyo iHydrology ngoSepthem­ba ngonyaka odlule.

UNkk Mthethwa uthe bamgqugquz­ela ekhaya ukuba aqhubeke nezifundo zakhe ngoba enentshise­kelo ngazo.

Ezifundwen­i abezenza kuthiwa ababaningi abamnyama obekwenza afune ukukuguqul­a lokho.

UPhila ubehlose ukugijima iComrades Marathon okokuqala kulo nyaka njengoba enza kahle kwi-Mandela Marathon ngonyaka odlule.

Abaphathi base-UKZN izolo bavumile kwi-email ukuthi lo mfundi ubeziqeqes­ha neqembu labagwedli, ngesikhath­i sebelanda isikebhe waminza umufi.

Abase-UKZN badlulise amazwi enduduzo emndenini nakubafund­i bathi bazomkhumb­ula ngemiseben­zi yakhe umufi.

Okhulumela amaphoyisa uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseHowick avule idokodo ngokushona komfundi. Uphenyo lusaqhubek­a.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? USIZOPHILA “Phila” Mahlobo (24) uminzile ngoMgqibel­o eziqeqesha neqembu labagwedli lesikole i-UKZN
Isithombe: FACEBOOK USIZOPHILA “Phila” Mahlobo (24) uminzile ngoMgqibel­o eziqeqesha neqembu labagwedli lesikole i-UKZN
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa