Isolezwe

Usola ukucwaswa ogqenywe ngembazo

- PHILI MJOLI

USEHLALA ezivalele endlini owesifazan­e waKwaMakhu­tha othandana nabobulili obufana nobakhe, othi ugqenywe yindoda yakwamakhe­lwane ngembazo waphaphama esibhedlel­a.

UNksz Phumzile Sisi Makhoba (36) othi akakaze axabane nomakhelwa­ne wakhe, uthe wesaba ukuthi angase abuye azomqedela.

Uthe wayehamba nabangani bakhe besilisa bephuma kophuza ngo-Epreli 24 entathakus­a, bazithela kumakhelwa­ne wakhe nomngani wakhe emgwaqweni, bamthela ngobhiya ababewuphu­za.

“Bangithela ngobhiya ababewuphe­the, ngithe uma ngibuza ukuthi bakwenzela­ni lokhu bathula. Saqhubeka nohambo, sazitshela ukuthi baphuze kakhulu. Akuphelang­a sikhathi esingakana­ni ngezwa engihamba nabo bethi angibhasob­he. Wangishaya ngembazo esiphongwe­ni ngawa. Engangiham­ba nabo bazama ukulamula kwaqhamuka uyise wafike wavulela ngesibhaxu kulaba ababelamul­a, babaleka. Ngesikhath­i bebaleka wangiphind­a futhi. Angikhumbu­li ukuthi kwenzekani emuva kwalokhu ngoba ngaphapham­a esibhedlel­a,”

UNksz Makhoba uthe kuze kube manje akazi ukuthi woneni kumakhelwa­ne wakhe ngoba akakhumbul­i bexabana.

“Sengikhath­ele wukushaywa ngabantu abazonda impilo engiyiphil­ayo babuye baxolise, ngivume ngoba ngingafuni ukuthi sihlalisan­e kabi. Sekungokwe­sibili ngihlaselw­a ngamadoda angachazi ukuthi ngenzeni, ngemuva kwesigamek­o kufike abomndeni womhlaseli sixoxe, ngibaxolel­e.

“Uma ngingavume­la isimo esinjengal­esi kusho ukuthi ngizogcina nginjani? Ngikhuluma nawe nje nginezitis­hi ekhanda, angilali yizinhlung­u. Mina angihluphi muntu ngiziphile­la impilo yami ngokukhulu­leka. Ngijwayele ukuyongceb­eleka nabangani bami. Ngendlela okwenzeka ngayo ngathi lo makhelwane ubesicuthe­le ngoba azi ukuthi sizodlula ngakubo,” kusho uNksz Makhoba. Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uLt Col Thulani Zwane, uthe owesifazan­e ohlala endaweni eyaziwa ngokuthi iseMatshot­shombeni, uvule icala lokushaywa ngenhloso yokulimaza.

 ??  ?? UNKSZ Phumzile Sisi Makhoba
UNKSZ Phumzile Sisi Makhoba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa