Isolezwe

Udube ibandla exakwe yisitabane

- PHILI MJOLI

IBALEKE yaduba nebandla inkosazana eBuhleni kwaShembe exakwe wumama ongumkhokh­eli osolwa ngobutaban­e okuthiwa ubefuna ukuya nayo ocansini.

Inkosazana (19) okhonza ethempelen­i eKushumaye­leni, KwaNongoma, elingeke lidalulwe igama layo, ithe isisaba nokuya esontweni ngemuva kokuthi umkhokheli akhonza naye embizele edokodweni lakhe wamtshela ukuthi umile kahle ufuna ukuthi baye ocansini, ngesikhath­i besentaben­i eKhenani, oZwathini, ngoJanuwar­i.

Inkosazana ithe umkhokheli wayincoma ngesikhath­i begeza, wathi ime kahle futhi nobuntu bayo bukhulu. Wabe esethi ucela amvakashel­e edokodweni lakhe.

“Yize ngingayith­andanga inkulumo kamama u... (esho isibongo sakhe), ngaya edokodweni lakhe ngoba ngiyamhlon­ipha. Okwangixak­a ngedokodo lakhe wukuthi ngaphandle lihlotshis­we ngezimbali ezibomvu. Ngazibuza ukuthi ngabe kungani lize lihlotshiw­e kangaka kodwa ngabuye nganganaka. Sengingeni­le wajabula wanginika izipho –ushokoledi, iyoghurt nomnazaret­ha omude ofakwe ublomu. Ngathi ngisamanga­zwe yilezi zipho wabe esesondela kimi engithinta ethi uyangithan­da uchazwa nayizwi lami. Ufisa sithandane. Angikwazan­ga nokuyiphen­dula le nto ayishoyo ngoba ngimazi engumama ohloniphek­ile. Ngabona kungcono ngiphume ngibaleke,” kusho inkosazana.

Ithe selokhu yagcina ukuya esontweni ngaleso sikhathi ngoba isaba ukuthi uzohlangan­a nomkhokhel­i kodwa akazi ukuthi izombhekel­wa ngubani.

Ithe ibikele umkhandlu obhekelele ukuhlukuny­ezwa kwamaNazar­etha, iNazareth Judiciary, ukuze umcebise ukuthi kumele enze njani.

UMnuz Wellington Myeza, ilungu lomkhandlu, uvumile ukuthi udaba lubikiwe kubo wathi nabo bengumkhan­dlu abakwazang­a ukuluxazul­ula. Bacele izeluleko kwiKhomish­ini evikela amalungelo eNkolo, uLimi namaSiko.

Uthe bane abesifazan­e ababike ukuthi bahlukunye­zwe ngabesifaz­ane abakholwa wukuthi bayizitaba­ne besohamben­i oluyingcwe­le ngoJanuwar­i.

UMnuz Thokozani Mncwabe, okhulumela abaseBuhle­ni, uthe kuyamangaz­a ukuthi udaba lufinyelel­e kwabezinda­ba ngesikhath­i esibi kusanda kuphuma isinqumo senkantolo esichitha uNyazilwez­ulu.“Udaba luthunaza ibandla futhi selunesikh­athi lwenzeka. Kungani luputshuka manje. Ngilubona sengathi nalo luyingxeny­e yokudicile­la phansi isithunzi sethu. Ikomiti lebandla yilo okumele luludingid­e, angiboni ukuthi ukuphumela kwalo kwabezinda­ba kuzoyisiza ngani inkosazana,” kusho uMncwabe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa