Isolezwe

‘Kunezinhle­lo zokusocong­a uBlade’

- BONISWA MOHALE

KULINDELEK­E ukuthi uNobhala Jikelele weSACP uDkt Blade Nzimande avule icala lokusatshi­swa kuleli sonto emuva kokuvela kwemibiko yokuthi kukhona abahlela ukumsocong­a.

Lezi zindaba zivezwe yiPhini likaNobhal­a Jikelele wesibili kwiSACP uMnuz Solly Mapaila.

UMapaila oseke wathola izinsongo zokubulawa ngonyaka odlule uthe bakhathaze­kile ngokupheph­a kukaNziman­de nokomndeni wakhe.

“Uma uNzimande ebuya phesheya lapho eyokwenza umsebenzi weSACP sifuna avule icala ngoba kunabantu abasikhomb­ise ubufakazi betulo lokumsocon­ga. Abantu abafuna ukumbulala baKwaZulu-Natal futhi basebenzis­a uphiko lwezobunhl­oli. Lokhu sikuthole kubantu abebeyingx­enye yezinhlelo zokumsocon­ga kodwa abangasath­andi ukwenza lokhu,” kusho uMapaila.

Uthe basola ukuthi uNzimande uhlelelwa itulo ngoba engahambis­ani nenkohlaka­lo ayithole eMnyangwen­i wezokuThut­ha.

UMapaila uphinde wacela abaqashi ukuthi bathole isixazulul­o sesiteleka samabhasi ngokuthi balalele izimfuno zabasebenz­i.

Kolunye uhlangothi oKlebe baphenya izinsolo zokuhlelwa kwetulo lokubulala uNdunankul­u waseNorth West, uMnuz Supra Mahumapelo, emuva kokuthi evule icala esiteshini samaphoyis­a esiseMahik­eng.

UMahumapel­o uthe kunezinkab­i esezikhokh­elwe uR250 000 uma ziqeda ngaye.

UCaptain Tlagelani Rikhotso, woKlebe eNorth West, uthe icala livulwe ngoMgqibel­o idokodo ladlulisel­wa kubona ngeSonto (izolo).

Akusikhona okokuqala uMahumapel­o esatshiswa ngokusocon­gwa kwazise ngoOkthoba wonyaka odlule, ikhansela lakuMasipa­la waseMahike­ng uNkk Eunice Legalatlad­i lagwetshwa iminyaka emihlanu ngokuhlela itulo lokubulala uMahumapel­o.

Kulindelek­e ukuthi uMahumapel­o acacise ngekusasa lakhe lezepoliti­ki emuva kokuthi ikomidi elibhekele­le ukusebenza kwe-ANC liphakamis­e ukuthi makehle esikhundle­ni. Abahlaziyi bepolitiki bathe nakanjani i-ANC izomhoxisa uma engazehlel­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa