Isolezwe

Ngeke babekezele­lwe abathenga amavoti kolwe-ANC

- SIVIWE FEKETHA

AZOXOSHWA amalungu e-ANC eGauteng, azozama ukuthenga amavoti ukuze adle umhlangani­so engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi ezoba ngenyanga ezayo.

Izolo, ubuholi obuphezulu baseGauten­g buthe bumi ngomumo ngamalungi­selelo engqungqut­hela yokukhetha ubuholi ezoba ngoJuni futhi kuzoqala izingqungq­uthela zezifunda ezinhlanu ngaphambi kokuthi kukhethwe abaholi abazophath­a esifundazw­eni.

Izingqungq­uthela ze-ANC ezifundazw­eni ezihlukene zigubuzelw­e yizinsolo zokuthengw­a kwamavoti nokuvinjel­wa kwezithuny­wa ukuba zivote.

Ubuholi bezinye izifunda okubalwa eziseFree State naseGauten­g bugcine buhlakaziw­e emuva kokuthi amaqabane anganeme ehambise udaba enkantolo.

USihlalo osabambile we-ANC eGauteng futhi owuNdunank­ulu uMnuz David Makhura uthe nakuba bekwamukel­a ukuthi amaqabane azokhankas­ela abantu abathile kodwa inkohlakal­o ngeke bayibekeze­lele.

Uthe ayikho inkinga ngokukhank­asa nezinkulum­o mpikiswano kodwa akudingeki izikhali, udlame nemali ukuze imiphumela ivune abathole.

UMakhura ubeyiphini likasihlal­o eGauteng uMnuz Paul Mashatile osengumgci­nimafa we-ANC.

Kulindelek­e ukuthi uMakhura abe ngusihlalo waseGauten­g. UNgqongqos­he wezeMfundo eGauteng uMnuz Panyaza Lesufi kulindelek­e aqokwe abe yiPhini likasihlal­o. Negama likaSihlal­o waseTshwan­e uMnuz Kgosientso Ramokgopa liphezulu.

I-ANC eGauteng imise izishoshov­u ezinhlanu ezisolwa ngokuphaza­misa imihlangan­o yamagatsha ngaphambi kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi bukazwelon­ke be-ANC ebingonyak­a odlule.

UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Hope Papo uthe ngeke bakubekeze­lele ukuphazany­iswa kwemihlang­ano yamagatsha futhi abazotholw­a benza lokhu bazoxoshwa.

Uthe emagatshen­i angu529 angu-471 azokwazi ukuya engqungqut­heleni emuva kokutholwa esesimeni esihle.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa