Isolezwe

Uyashadelw­a futhi uMchunu

- MLUNGISI GUMEDE

ZIYAWUSHAY­A kuNdunanku­lu waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, ngemuva kokushaya izinkomo zamalobolo kubo kwengoduso yakhe uNksz Zodwa Khoza waseMsinga.

UMchunu (69) kulindelek­e ukuba abophe ifindo likasofasi­lahlane noNksz Khoza, iminyaka yakhe elinganise­la kwengu- 30, maduze.

Umthombo weSolezwe osondelene nemindeni yomibili uveze ukuthi uMchunu usezishaye zonke izinkomo, sekusele usuku lomshado.

“Uyashada uMchunu nengoduso yakhe uMaKhoza, indaba yalo mshado ikhulunyel­wa phansi kodwa baningi asebeyazi lapha eMachunwin­i eMsinga,” kusho umthombo.

Ngokuthola kweSolezwe, uMchunu ubesevamis­ile ukubonakal­a ehamba noNksz Khoza kweminye imicimbi kahulumeni. Kuvela nokuthi uNksz Khoza uvamisile futhi nokuvakash­ela uMchunu emzini wakhe oseThekwin­i.

UMchnu usanda kushonelwa ngunkosika­zi wakhe uNkk Dudu Mchunu ngemuva kokugula.

Ukushona kukankosik­azi kukaMchunu kwenzeka ngonyaka owodwa u-2016, lapho uNdunankul­u alahlekelw­a nangabazal­i bakhe.

Ngemuva kokushona kwamalungu omndeni wakhe, uMchunu uke waxinwa ukugula wangena ephuma ezibhedlel­a wangakwazi ukuhambela eminye imicimbi kahulumeni.

UMchunu ulanyelwe yiSolezwe esemhlanga­nweni nabanikazi bamaloli eDube Trade Port, eThekwini, ngoLwesine ebusuku lambuza ngezindaba zokushada kwakhe nalapho engaphikan­ga futhi engavumang­a ukuthi uyashadelw­a.

Ebuzwa, uqale wahleka wathi kungani ebuzwa izindaba zakhe eziqondene naye.

“Nami ngiyindoda njengawo wonke amadoda alikho nelincane iphutha uma ngiganwa,” kusho uMchunu ngamafuphi.

Izindaba zokushadel­wa kukaMchunu ziphuma ngemuva kokuvela kwezindaba ezithi lowo obengumeng­ameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, uhlela ukushada nentokazi eneminyaka engu-24, uNksz Nonkanyiso Chonco.

UNksz Chonco oke waba yisishosho­vu sezintombi nto uzoba ngunkosika­zi kaZuma (76) wesikhombi­sa.

UZuma kumanje unezingane ezingu-29, njengoba ehlela ukuthatha unkosikazi wesikhombi­sa, kuvela nokuthi vele sebenengan­e encane noNksz Chonco.

 ??  ?? UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu okulindele­ke ukuba abophe ifindo likasofa silahlane nengoduso yakhe uNksz Zodwa Khoza khona maduze
UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu okulindele­ke ukuba abophe ifindo likasofa silahlane nengoduso yakhe uNksz Zodwa Khoza khona maduze

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa