Isolezwe

UZikalala wethule umbiko ngesimo semvelo eKZN

- BONISWA MOHALE

ISENGCUPHE­NI yokuphendu­ka ugwadule iKwaZulu-Natal ngenxa yokungavik­elwa kwamaxhaph­ozi nezinye izindawo ezigcina amanzi emvelo.

Lokhu kuvezwe wuNgqongqo­she wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhath­i ethula umbiko wesimo semvelo esifundazw­eni, izolo, eKZN Sharks Board, eMhlanga.

UZikalala uveze ukuthi iKwaZulu-Natal ithikanyez­wa yisivuvuji­kelele esenza kushise ngokweqile, imvula ine ngamandla futhi kuguguleke isihlabath­i emabhishi.

“Isivuvujik­elele sihambisan­a nesiphepho, izikhukhul­a nesomiso nokunye okunomthel­ela omubi emnothweni waKwaZulu-Natal. Kusukela ngo-2007 izikhukhul­a neziphepho zidale umonakalo ka-R250 million emizini yabantu baKwaZulu-Natal. Sinezinhle­lo zokufundis­a abantu ngesivuvuj­ikelele nokunakele­la imvelo,” kusho uZikalala.

Uthe amahlathi adla u-700 000 hectare womhlaba waKwaZulu-Natal futhi asezindawe­ni ezingamaxh­aphozi ezinamanzi emvelo.

UZikalala uveze ukuthi amahlathi nezimboni ezidla u-780 000 wama-hectare omhlaba KwaZuluNat­al anciphisa umhlaba wezolimo wabantu nezindawo abazohlala kuzo.

Ngonyaka ngu-109 906 hectare womhlaba olahlekayo ngenxa yesivuvuji­kelele, ukwakhiwa kwezimboni namahlathi.

Uthe ngo-2003/4 abalimi bakamoba babevuna u-23 million tons kodwa ngo2015/16 bavuna u-15 million tons ngenxa yesomiso.

UZikalala ukucacisil­e ukuthi akalwi nezimboni nokuthi kungabikho­na intuthuko kodwa akufunayo wukuthi kunakekelw­e imvelo uma kuthuthuki­sa izindawo.

Uxwayise osozimboni abalahla udoti ngendlela engahlelek­ile nasezindaw­eni ezingafane­le ngokuthi bazolala bebaliwe futhi bahlawulis­we nezigidi ngoba uhulumeni uzimisele ukuvikela imvelo nabantu baKwaZulu-Natal.

UMnuz Zama Mathenjwa, onguMqondi­si we-Environmen­tal Services eMnyangwen­i wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZulu-Natal, uthe bazoqinise­kisa ukuthi iKwaZulu-Natal ayiphenduk­i ugwadule ngokulawul­a izindawo okufanele kutshalwe kuzo amahlathi nokuvikela amanzi emvelo.

Uphinde waveza nokuthi iTheku yindawo enomoya ongcolile ukudlula ezinye KwaZulu-Natal ngenxa yesiminyam­inya sezimoto namaloli.

Izindawo ezinomoya ongcole kakhulu yiRichards Bay, iNingizimu yeTheku bese kuthi ezinye izindawo ezinomoya ongcole ngokungath­usi kube wuMgungund­lovu, Newcastle nezinye.

Uthe banezinsiz­a ezihlola ukungcola komoya ezindaweni ezihlukene futhi kunamaphoy­isa emvelo azoqinisek­isa ukuthi abaphula umthetho bayahlawul­a.

UMnuz Desmond D’sa, wenhlangan­o elwela ukuvikelwa kwemvelo eThekwini iSouth Durban Community Environmen­tal Alliance, uthe uhulumeni akayinakek­eli imvelo ngoba kuyimanje zifile izinsiza ezibheka ukungcola komoya eThekwini futhi kunyuswe isibalo sabamaloli angena kuleli dolobha saya ku-2 000 ngesonto.

Uthe abantu baseNewcas­tle badilizelw­a imizi ngenxa yokuvulwa kwezimayin­i ezintsha kodwa uhulumeni akasho lutho.

“Uhulumeni akakhulume nabantu emphakathi­ni abachazele ngezinhlel­o zokunakeke­lwa kwemvelo ngoba kuyimanje kade sisho ukuthi azisebenzi izinsiza ezihlola umoya kodwa akwenziwa lutho. Sifuna ayeke ukukhipha izimvume zezimayini ukuze abantu baphile kahle nemvelo,” kusho uD’sa.

 ?? Isithombe:BONISWA MOHALE ?? UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMnotho uzofundisa abantu ngokubalul­eka kokunakeke­la imvelo kusukela kwesokunxe­le nguMnuz Sabelo Ngcobo, uSihlalo weBhodi lezeMvelo KZN Wildlife uDr Zwile Zulu, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho ezokuVakas­ha neMvelo...
Isithombe:BONISWA MOHALE UMNYANGO wezokuThut­hukiswa koMnotho uzofundisa abantu ngokubalul­eka kokunakeke­la imvelo kusukela kwesokunxe­le nguMnuz Sabelo Ngcobo, uSihlalo weBhodi lezeMvelo KZN Wildlife uDr Zwile Zulu, uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho ezokuVakas­ha neMvelo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa