Isolezwe

Ingenile imiholo kothisha abangahola­nga

- PHILI MJOLI

SEBEQALILE ukuthola imiholo yabo othisha bakaGrade R ebebengaho­langa.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe ingxenye yothisha iqale ukuthola umholo ngoLwesine, usaqhubeka nokukhokhe­la abanye.

UMnuz Scelo Khuzwayo okhulumela umnyango uthe ngokwazi kwabo inkinga yokungahol­elwa kothisha idalwe ngamakhomp­uyutha, akuyena umuntu othize. Kodwa izinyunyan­a zithi lokhu kwenziwa ukuthi umnyango ubathatha kancane othisha bakaGradeR. UNksz Nomarashiy­a Caluza weSadtu uthe izinkinga zokungahol­i kothisha zidalwa ukushoda nokungaseb­enzi ngokuzimis­ela kwabaseben­zi bakwandaba­zabantu enyangweni

“Siyajabula ngoba inhloko yomnyango isize yakubona ebesikusho yaqoka uNkk Khanyisile Hlongwane ukuthi abe ngumqondis­i kulolu phiko. Siyamethem­ba ngoba sekunesikh­athi eside ekhona emnyangwen­i futhi uke wasebenza nakhona kulolu phiko,” kusho uNksz Caluza. Ephendula ngalokhu uKhuzwayo uthe umnyango uyaluseben­za udaba lothisha bakwaGrade­R. “Siwumnyang­o siyabethem­ba abasebenzi bethu abaqashwe ophikweni lakwandaba­zabantu. Ngokwazi kwethu kunezinto ezithile kwi-system yethu ezidale ukuthi othisha bangaholi. UNkk Hlongwane uqokelwe ukuba umqondisi walolu phiko okuyingxen­ye yohlelo lomnyango lokunikeza abaphathi ithuba lokuthi bazazi zonke izingxenye zawo. Akwenziwan­ga ngoba kunokukhal­a kwabathize.”

UMnuz Allen Thompson iphini likamengam­eli weNatu, uthe:“Thina sifuna othisha abasebenze ngesikhath­i esisodwa, bahole ngesikhath­i esisodwa futhi bahole imali elinganayo. Asinandaba nokuthi umnyango uqasha bani kwandabaza­bantu. Esikufunay­o nje wukuthi othisha bathole umvuzo wabo abawuseben­zele ngesikhath­i. Uma kwenzeka kuba nothisha abangawuth­olanga umholo wabo kusasa (namhlanje), sizothatha isinyathel­o sesibili. Ukumashela esishayamt­hetho bekuseyisi­nyathelo sokuqala.” BHEKA IKHASI 12

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa