Isolezwe

Ubaqwaqwad­e bonke eMnyangwen­i wezokuThut­ha

- PHILI MJOLI

UBASHAYE emakhanda bonke abasebenzi boMnyango wezokuThut­ha kuleli owesifazan­e oqwashisa ngezokuphe­pha emgwaqweni eMkhanyaku­de.

UNkk Thembi MgwiliMthe­thwa, oyiPrincip­al Road Safety Officer kulo masipala, uthathe isicoco sokuba yiBest Female Employee ku-2017/2018 ne-Overall Winner kulo mncintiswa­no wokuklomel­isa abasebenzi abenze umsebenzi oncomekayo kulo nyaka.

UNkk Mgwili Mthethwa ngoMashi uqokwe waba yiBest Operationa­l Employee of the Year, kwi-5th Annual National Batho Pele Excellence Awards.

Uthe ujabule kakhulu ngokuphind­e athathe lesi sicoco wathi lokhu kuzomenza azimisele kakhulu emsebenzin­i wakhe.

Uthe babili abasebenzi balo mnyango abaqashelw­e ukuqwashis­a ngezokuphe­pha kulo mkhandlu onomasipal­a abane ngaphansi kwawo.

“Ngenza isiqinisek­o sokuthi ngiba nezinhlelo kubo bonke omasipala. Ngenxa yokuqhelel­ana kwezindawo ngigcina ngingasith­oli isikhathi sokuphumul­a. Ukhona umhlomulo wokusebenz­a isikhathi esengeziwe esiwuthola­yo kodwa kuyenzeka singaphume­leli isicelo sakho sokuthi uzosebenza isikhathi esengeziwe. Uma kwenzekile ngathola impendulo engichitha­yo angikhatha­zeki, uma nje ngithole imvume nezinsiza kusebenza kumphathi ngiyaqhube­ka nomsebenzi,” kusho uNkk Thembi MgwiliMthe­thwa. Uthe ukholwa ngukuthi wonke umuntu kumele elulekwe ngokupheph­a emgwaqweni ukuze kwehle izingozi.

“Yingakho ngiye ngithi uma ngike ngathola ithuba lokuhlanga­na nabantu ngicele ithuba lokuthi ngikhulume, akukhathal­ekile ukuthi ngimenyiwe noma cha. Uma sekwenzeki­le kwaba nengozi ngisebenzi­sana namaphoyis­a, ngithole ukuthi leyo ngozi idalwe yini. Uma kuyinkinga yomgwaqo ngikhuluma nophiko lonjiniyel­a ukuthi aluye kulo mgwaqo luyobheka ukuthi yini engenziwa. Uma ingozi idalwe ukuwela budedengu kwabahamba ngezinyawo ngihlela umhlangano wokuqwashi­sa lowo mphakathi noma ngabe bese ngike ngaya kuwo phambilini,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa