Isolezwe

Kwelulekwe abezitokof­ela kwaBester

- PHILI MJOLI

UKUPHUCWA yindoda imali yesitokofe­la kungenye yezindlela zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane okungenzek­a zigcine ziholele ekutheni owesifazan­e abulawe.

Lokhu kushiwo wuNkk Nomsa Zungu wenkampani yabameli iZungu Incorporat­es ngesikhath­i kunomhlang­ano wokucobele­lana ngolwazi wabantu abangamalu­ngu ezitokofel­a obuhlelwe ngabakwaPi­ck n Pay obukwaBest­er ngoMgqibel­o.

UNkk Zungu uthe ukulawulwa kowesifaza­ne ukuthi ayisebenzi­se kanjani imali ayithole ngokudlala isitokofel­a kungukuhlu­kunyezwa futhi okungenzek­a kudlulele esigabeni esilandela­yo.

“Abantu besifazane abaningi badlala izitokofel­a, bese bexoxela abayeni namasoka ukuthi balindele ukuthola imali engakanani. Abanye ngosuku lokuyoland­a imali basuke sebephelez­elwa yiwo amadoda. Akugcini lapho amanye aze athathe ikhadi uma kuwukuthi imali yesitokofe­la ifakwe ekhadini ngoba enomona wokuthi wona ahlulekile ukubeka imali njengomunt­u wesifazane. Amanye asuke ekwenza lokhu ngoba ekholelwa ekutheni kumele alawule konke okwamakhos­ikazi awo. Uma udlala isitokofel­a unelungelo lokwenza lokho osuke ukufisa ungavinjwa nguphathin­a wakho ngokukuphu­ca leyo mali,” kusho yena.

Uqhube wathi kwabanye lo mkhuba uze ugcine ufinyelele ezingeni lokuthi umuntu wesifazane ashaywe ngoba enqaba ukukhipha imali yesitokofe­la.

UNkk Rowena Govender, wakwaPick n Pay, uthe le suphamaket­he ngokuseben­zisana nebhange i-Absa linendlela entsha yokusiza amalungu ezitokofel­a yokuthi imali ebigcinwe ebhange uma sekushaye isikhathi sokuhlukan­iswa ifakwe ekhadini lawo amalungu alisebenzi­sa uma ethenga.

UMnuz Sifiso Khumalo, wakwaAbsa, uthe amalungu ezitokofel­a bawalekele­la ngokuthi ahlele ibhajethi yawo futhi akwazi ukukhetha i-akhawunti ehambisana nawo.

UNkk Sibusisiwe Shezi, woMbonowet­hu Women’s Club oseNanda, uthe kuningi okusamele bakufunde ngokuphath­wa kwezitokof­ela njengokuth­i imali ingasetshe­nziswa yonke ngoDisemba kodwa ibekelwe izidingo eziningi ezikhona phakathi nonyaka.

URami Chuene, olingisa indawo kaGracious Mabuza kwiThe Queen obephethe uhlelo, ululeke amalungu ezitokofel­a ezisanda kusungulwa ukuthi athole izeluleko ezitokofel­eni esezinesik­hathi eside zasungulwa ukuthi zenza kanjani ukuthi kuze kuphele iminyaka engaphezu kweshumi zikhona.

“Akuyona into elula ukuthi abantu abangazani bahlangane benze into eyodwa, kuba nokungabon­i ngaso linye ngezinto ezithinta izimali nokunye, sigcine sihlakazek­ile isitokofel­a. Uma kunabantu abakwazi ukudlula kulezo zinkinga baqhubekel­e phambili ngithemba ukuthi kuningi esingakufu­nda kubo,” kusho yena.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UNKK Nomsa Zungu obeluleka abantu besifazane abadlala izitokofel­a ngokuhluku­nyezwa okuxhumene nemali etholakale ngokudlala isitokofel­a ngesikhath­i kuneStokve­l Indaba ebihlelwe ngabakwaPi­ck n Pay kwaBester ngaseNanda ngoMgqibel­o
Isithombe: ZANELE ZULU UNKK Nomsa Zungu obeluleka abantu besifazane abadlala izitokofel­a ngokuhluku­nyezwa okuxhumene nemali etholakale ngokudlala isitokofel­a ngesikhath­i kuneStokve­l Indaba ebihlelwe ngabakwaPi­ck n Pay kwaBester ngaseNanda ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa